Lubhalwe nguMichael Madyira
UBongani Zungu owayengumdlali we-Sundowns usejoyine AmaZulu yize emataniswa ne-Kaizer Chiefs namaqembu ase-Europe.
Lo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala uthi ufuna ukusiza leli qembu elidonsa kanzima liqhwakele kuligi.
Owayengumdlali weBafana Bafana, uBongani Zungu, usechaze ukuthi kungani ekhethe ukujoyina AmaZulu adonsa kanzima ekubeni abaningi bebelindele ukuthi enze imali eshisiwe aye kwenye indawo.
Lo mdlali owake wagijima ku-Mamelodi Sundowns ubonakale kuMaZulu kuleli sonto ngemuva kokuphola ebholeni lakuleli. Uphinde wajoyinwa umdlali wasemuva we-Orlando Pirates, uSandile Mthethwa.
Abaningi bebecabanga ukuthi uZungu uzolandela uGaston Sirino kuKaizer Chiefs, noma adlulele e-Europe ngemuva kokuvakashela e-Turkey ngoNtulikazi.
Esikhundleni salokho, ujoyine AmaZulu alwela ukudliwa yizembe endaweni ka-13, ngamaphuzu amathathu kuphela phezu kweMagesi FC esemsileni.
“Inhloso yami ukusixs iqembu ukuthi likhuphukele phezulu ngangokunokwenzeka ku-log, ngisize abadlali abancane, ngiphinde ngilethe isipiliyoni sami eqenjini,” kusho uZungu etshela abezindaba Usuthu.
Imibiko yaphambilini iveze ukuthi iminyaka yakhe kanye nezimfuno zeholo eliphezulu bezisusa amaqembu endawo. Uma esewumqemane, lo mdlali odabuka eDuduza angase adlale umdlalo wakhe wokuqala kuMaZulu uma esebhekene neCape Town City kowe-PSL ngomhlaka-29 kuZibandlela.
Yize AmaZulu emancane amathuba okuthi anqobe iligi kodwa asengagijima ku-Nedbank Cup.
Kuzo zonke izindawo engidlale kuzona ngikwazile ukuwina izindebe, futhi ngifuna ukuletha lowo mcabango wokunqoba lapha,” kusho uZungu.
“Ngiyazi ukuthi yini edingekayo ukuze uwine, futhi lokho kuyinhloso yami. Ngike ngabuka imidlalo yaMaZulu, neqembu lidlala umdlalo wesimanje. Ukuqonda kwami umdlalo kuzolisiza iqembu, kodwa ngiyazi ukuthi kufanele ngisebenze kanzima ukuze ngithole indawo yami.”
UZungu uza nesipiliyoni esiningi njengoba esedlale ku-Sundowns kabili nasemaqenjini ase-Portugal, i-France nase-Scotland. Uke wadlala nakuBafana Bafana.
Esithombeni esingenhla: UBongani Zungu ethulwa njengomdlali waMaZulu.
Umthombo: AmaZulu