UZuma uzihlabela inkomo izivakashi zakhe ezifika eNkandla

Lungani Zungu

UZuma kungenzeka ukuthi ngokwezepolitiki usehlane, kodwa isibaya sakhe sezinkomo emzini wakhe oseNkandla siyindawo ematasa.

Ngokusho komfowabo uKhanya, selokhu lowo owayengumengameli aqala ukuqhuba imicimbi yakhe yetiye esidume kakhulu ngenyanga edlule, usehlabe izinkomo ezibalelwa kuma-20.

Bonke ababambisene naye kanye nezitha zakhe bathutheleke emzini wakhe osenyakatho ne-KZN, kanti njalo uma kukhona umuntu owaziwayo, owayengumengameli ophanayo uvele ahlabe enye inkomo.

Ngenyanga edlule, umholi we-EFF uJulius Malema waba ngowokuqala ukuzitika eNkandla, okuyindawo ake wayibiza ngokuthi yisikhumbuzo senkohlakalo.

Wayephelezelwa yilowo owayenguSihlalo kazwelonke we-EFF u-Advocate Dali Mpofu obonakale ekhotha iminwe yakhe ezithombeni ezisabalale ezinkundleni zokuxhumana.

UKhanya, naye ohlala eNkandla, utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi, bazobe behlaba izinkomo eziningi emasontweni ezayo benzela ezinye izivakashi.

“Asithandi ukuthi izivakashi zethu zishiye indlu yethu zingadlanga ngakho-ke sizenzela ukudla uma zisivakashele.”

Ngasekuqaleni kwaleli sonto, owayenguSihlalo we-SAA, uDudu Myeni uvakashela uZuma wamnikeza igilosa – ethi ukwenze lokhu ngenxa yezivakashi ezifika emzini wakhe.

Omakadebona boMkhonto weSizwe abahambisana ne-ANC selokhu banambitha izinkomo zakhe, sebebeke itende emnyango wendlu abahlala kuyo. Baxwayisa abomthetho ukuthi bengalokothi bebophe uZuma.

UZuma udelele umyalo weNkantolo yoMthethosisekelo wokuthi avele phambi kwekhomishini ephenya ngokulawulwa kombuso yindlanzana, kanti futhi ikhomishini ebiholwa yiPhini leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo icele ukuthi uZuma aboshwe iminyaka emibili ngenxa yokweqa umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo.

UZuma unikezwe kuze kube nguMsombuluko ukuthi afake amaphepha akhe aphikisayo odabeni olubekelwe umhla zingama-25 kuNdasa.

Owayengumlingani kaZuma, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele, osethembeke kuMengameli uCyril Ramaphosa, naye ubesemzini kaZuma eNkandla.

UCele wamukelwe ngezandla ezimhlophe waphinde wanikezwa izithelo kanye nojusi omnandi. Ayikho inkomo ehlatshiwe njengoba bekukhona uBheki Cele.

UZuma kuthiwa usabathukuthelele labo abahlela ukumsusa esikhundleni sakhe njengoMengameli ngowe-2018 kanti uCele ungomunye wabo.

Izihloko zakamuva