Lubhalwe nguSihle Mavuso
Ukwesaba ukuthi izinhloli ezimataniswa ne-ANC zisengacekela phansi iqembu loMkhonto weSizwe kuphoqe abaholi baleli qembu ukuthi bathathe isinqumo sokungayibambi ingqungquthela yokukhetha ubuholi.
Asikho isikhathi esibekiwe kodwa kulindeleke ukuthi ingqungquthela yenzeke esikhathini esizayo.
Iqembu lithe lifuna ukuhlola isizinda kanye nokubhekisisa noma ngubani owethula igatsha leqembu leMK.
Okhulumela iqembu uNhlamulo Ndhlela uthe: “Nikubonile okwenzeka ngaphambi kokhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba. Abantu babethengwa. Asifuni ukuba nezinkinga ezifanayo. Yingakho kumele sizinike isikhathi sokuqinisekisa ukuthi sihlola wonke umuntu owakha igatsha; okuyilapho izinkinga ziqala khona.”
UNdlela uthe iqembu liyazi ukuthi kukhona abantu abalindele ukuthenga izithunywa ukuze bakhethe abaholi abangabalawula bese bezoduna iqembu ngomuso.
“Amagatsha ayathengwa futhi usathi awunakile, avele egqugquzelwe ukuthi ahlonze aphinde aqoke umengameli wawo. Futhi lowo mengameli kungenzeka uthole ukuthi uthonywa abantu bangaphandle. Eminye imikhankanso yethu siyazi ukuthi yaxhaswa ngemali yabantu be-ANC.”
Iqembu leMK lijwayele ukusho ukuthi izinhloli zingalicekela phansi. UZuma waxosha umsunguli weqembu, uJabulani Khumalo, ngoba emsola ngokuba yinhloli ye-ANC.
Ekhuluma ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesine, uNdhlela uthe iqembu lifuna ukwakha izinhlaka futhi ligxile ekukhuliseni amalungu alo.
“Ngakho-ke, leyo mikhuba ye-ANC asiyifuni lapha. Okubalulekile wukusungula izinhlaka zethu njengenhlangano; kudingeka senze inhlangano yethu ibe ngochwepheshe. Khumbula ukuthi sinezinyanga eziyisithupha kuphela kodwa bheka ukuthi senzeni,” kusho uNdlela.
Iqembu leMK lifakwe enkantolo yi-ANC efuna izinkantolo zivimbe le nhlangano kaZuma ekusebenziseni uphawu kanye negama lophiko lwamasosha e-ANC, uMkhonto weSizwe.
Isinqumo kodwa sigodliwe ecaleni elibandakanya ilungelo legama leMK kanye ne-logo https://izindaba.scrolla.africa/inkantolo-ibambe-isinqumo-embangweni-we-anc-ne-mk/.
Esithombeni ngenhla: Abalandeli beMK ngaphandle kwenkantolo.
Umthombo: Sihle Mavuso