UZuma uyawaphika wonke amacala

Lungani Zungu

Lowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma uwaphikile wonke amacala abekwe wona ekuqaleni kwecala lakhe lokukhwabanisa nenkohlakalo elisaqhubeka eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.

UZuma usenkantolo ukulwela ukuthi ahoxiswe umshushisi woMbuso uBilly Downer, indoda eyashushisa ngempumelelo lowo owayengumeluleki wakhe wezezimali, uSchabir Shaik.

UMsholozi umelwe ngu-Advocate Dali Mpofu ngemuva kokuthi ehlukane nethimba lakhe langaphambilini labammeli elaliholwa ngu-Advocate Muzi Sikhakhane.

Esicelweni sakhe esikhethekile sokuhoxiswa kukaDowner, uZuma uthe kungenzeka ukuthi abophiko lwezobunhloli bangaphandle bangenelela odabeni lwakhe.

UZuma uthe uhlangabezane nemininingwane yokuthi lowo owayeyinhloko ye-Scorpions, uLeonard McCarthy wayeyingxenye yenhlangano ye-American Central Intelligence Agency (CIA) athi yayiphethwe yi-ejenti egama lingu-André Pienaar.

Iningi lezingqapheli lithe leli bekuyicebo likaZuma lokubambezela futhi aphinde alihlehlise leli cala eselidonse iminyaka eyishumi nambili. UZuma phambilini uke wenza izinsolo ezingenabufakazi zokuthi abantu “bangama-ejenti” angamanga.

Kodwa-ke, abalandeli bakhe bathi owayengumengameli ubenelungelo lokusho ukungabaza kwakhe enkantolo yezomthetho.

Yize kubhebhetheka ubhubhane lwe-Covid-19, oselubulale abantu baseNingizimu Afrika abangaphezu kwezi-55 000, abalandeli abaningi bakaZuma baqale ukuthutheleka eMgungundlovu namhlanje ekuseni.

UCarl Niehaus, oweseka uZuma uthe ngeke bakwazi ukuvimba abantu ukuthi basekele uZuma ngaphandle kwenkantolo namuhla.

Umlingani oqotho kaZuma, uNobhala-Jikelele we-ANC omisiwe u-Ace Magashule wafunga wagomela ukuthi uzoletha yonke i-Free State eMgungundlovu.

Lolu daba lusaqhubeka.

Umthombo wesithombe: @DZumaSambudla

Scrolla World Cup Quiz