UZuma usolwa ngokwamukela amavenge e-Bosasa

Toby Shapshak

Umphathi wamaJaji uRaymond Zondo usephakamise ukuthi lowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma kumele aphenywe ngenkohlakalo engxenyeni yesithathu neyokugcina yombiko wakhe awudedele ngoLwesibili.

Umbiko uphethe ngokuthi “kunezizathu ezizwakalayo zokusola” ukuthi uZuma waphula “izibopho zakhe njengoMengameli” ngokusiza inkampani enenkohlakalo i-Bosasa.

Umbiko uveze ukuthi i-Bosasa ikhokha imali engu-R300 000 ngenyanga kwiNhlangano kaZuma futhi imenzela imicimbi “ewubukhazikhazi” – nokuthi uZuma wasiza kanjani ukuthi iminyango kahulumeni inqamule izinkontileka ze-Bosasa.

UZuma kuthiwa “wamukele ivenge” elivela kwi-Bosasa,

UZondo uphinde waphakamisa ukuthi kuphenywe noNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi naMandla uMnu Gwede Mantashe.

Uthe “kunezinsolo ezibambekayo” zokuthi lowo owayenguNobhala we-ANC wangaleso sikhathi wasiza “ukuba nomthelela ebuholini” beminyango kahulumeni. Iyasizwa kakhulu ekutholeni amathenda” kule minyango.

UZondo uthe “kunobufakazi obusobala” benkohlakalo obubhekiswe kulowo owayenguNgqongqoshe weZamanzi noKuthuthwa kweNdle uNomvula Mokonyane.

Umbize ngomuntu “ongathembekile” wathi “waqamba amanga” ngokuthi isikhulu esiphezulu se-Bosasa (COO) u-Angelo Agrizzi wahambela umcimbi owubukhazikhazi wokugubha iminyaka engu-40, owakhokhelwa yi-Bosasa.

UMokonyane wanikezwa imoto ebizayo i-Aston Martin endlini yezivakashi e-Krugersdorp lapho owawubanjelwe khona lo mcimbi.

“Angeke kwenzeke ukuthi akazange ambone uMnu Agrizzi emcimbini, ikakhulukazi ngoba uMnu Agrizzi wayeyi-COO ye-Bosasa eyayikhokhela izindleko zalo mcimbi, nokuthi uMnu Agrizzi wayehlela umcimbi futhi ngoba uMnu Agrizzi uyisikhulu – akekho ongakhohlwa kalula ukuthi ubekhona emcimbini,” kubhala uZondo.

Ubufakazi obungagwegwesi nobuqavile obuvela ku-Agrizzi baba ibhomu ebingalindelekile, njengoba eveze ukukhokhwa kwemali enkulu kubaholi be-ANC nezinye izipho eziwubukhazikhazi.

U-Agrizzi kanye nalowo owayeyilungu le-ANC ePhalamende uVincent Smith babhekene namacala enkohlakalo.

“Inkohlakalo ibiyinto esemqoka ebhizinisini le-Bosasa. Konke kwaqhamuka ngenkohlakalo,” kubhala uZondo embikweni wakhe onamakhasi angu-942.

Izihloko zakamuva