Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Umholi woMkhonto weSizwe Party uMnuz Jacob Zuma useshaye ingwijikhwebu ngokuvumela uNobhala-Jikelele weqembu uMnuz Arthur Zwane ukuba ashiye isikhundla njengoba esethi akayindawo.
Lokhu kulandele ukuthi ngoLwesine umkhulumeli woMkhonto weSizwe Party uMnuz Nhlamulo Ndhlela edalule ukuthi incwadi kaZwane yokwesula esikhundleni ngenxa yokuxinwa amabhizinisi uZuma useyichithile.
Le ncwadi yangonhlaka 1 kuNtulikazi, yalandelwa ekaZuma lapho naye ayethi uyamkhulula uZwane esikhundleni.
Kwabuye kwavela nokuthi empeleni uZwane akaziyekelanga kodwa uxoshiwe ngoba esolwa ngokuba impimpi kaDkt Zweli Mkhize ongumholi kaKhongolose nokungawafaki amaphepha enkantolo yokhetho eBloemfontain ukuze kuphonselwe inselelo imiphumelo yokhetho lukazwelonke obelungoNhlaba.
Kuphinde kwavela nokuthi uZwane wenza iphutha ngokuthi mhla kuhleli isiShayamthetho saseKZN akhiphe umyalelo wokuba kuphakanyiswe igama leNkosi uPhathisizwe Chiliza njengefolosi leMKP kwesobuNdunankulu esikhundleni sikaMnuz Phumlani Mfeka weNjeje yabeNguni.
“Ngemuva kokujula kabanzi kukaMengameli uZuma nokucubungulisisa isinqumo sikaZwane sokuhoxa esikhundleni ngoba exinwe amabhizinisi akhe, uZuma usenqume ukuthi ayichithe incwadi yokwesula kwakhe.
“Ezinye zezizathu ukuthi uZwane uyadingeka njengoba iqembu libhekene nezinselelo, okubalwa kuzo ukulungiswa kwezinhlaka zokulungiselela ukhetho loHulumeni basekhaya lwango-2026,” kusho uNdlela.
UZwane ubemanaphanapha izinhlamba ezinkundleni zokuxhumana ethukwa amalungu oMkhonto weSizwe ethi ubevele engathembekile embiza ngempimpi ethanda izikhundla.
Kwenzeka lokhu nje sekunezikhalo zokuthi kunabathile abasesigungwini sekomidi likaZuma abavikelekile ngokuhleba ngabanye baze babanuke ngokuthi bayizimpimpi.
Omunye walabo baholi okuleso sigungu iScrolla.Africa elinalo igama lakhe kuthiwa uZuma uzwa ngaye kanti uhlale ebeka abanye abaholi kabi.
Imizamo yokuthola uZwane ayiphumelelanga njengoba selokhu esula ekubeni uNobhala-Jikelele izinombolo zakhe zombili zihlale zivaliwe ekubeni ngaphambi kokuba kuyiwe engqungqutheleni yaseBela Bela, eLimpopo ebizwa ngeHova ubehlale ezibamba izingcingo zabezindaba.