UZuma usebenzisa inkantolo ukukhankasela esikaSihlalo

Lungani Zungu

UJacob Zuma wenza okuningi ngokuvela enkantolo yomshushisi omkhulu wombuso u-Advocate Billy Downer kanye nentatheli ephezulu ye-News24 uKaryn Maughan.

Laba ababili bavele eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoLwesibili, kanti lowo owayenguMengameli wezwe usebenzise leli thuba njengenkundla yokwethula umkhankaso wakhe wokuba uSihlalo we-ANC ngoZibandlela.

UZuma uqale uphenyo oluzimele ngoDowner ngemuva kokumsola ngokuputshuza amarekhodi akhe okwelashwa kuMaughan.

Leli iqhinga elifanayo uZuma alisebenzisa ngesikhathi esolwa ngokudlwengula owayeneminyaka engu-31 ubudala nongasekho emhlabeni uFezekile Ntsukela Kuzwayo ngo-2005.

Kwathiwa akanacala ecaleni lokudlwengula. Kodwa-ke ukuvela kwakhe enkantolo kwaba inkundla yokwethula isicelo sakhe sokuba nguMengameli we-ANC ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi e-Polokwane ngo-2007 lapho awina khona.

NgoLwesibili abalandeli bakhe bafike ngobuningi babo enkantolo bezokhombisa ukumeseka.

Ekushushiseni kwakhe okuzimele mayelana noDowner, ekhuluma ngesiZulu ngaphandle kwenkantolo uZuma uthe: “Kungokokuqala ukuthi kuphenywe umshushisi ngokwephula umthetho.

“Uma amajaji engawuhloniphi umthetho, nami ngeke ngiwahloniphe,” usho lokhu abalandeli bakhe bamshayela ihlombe.

Lena bekuyinkulumo kaZuma yokuqala emphakathini ngemuva kokuthi isigwebo sakhe sezinyanga ezingu-15 ebhadla ejele siphele ngoLwesihlanu.

Wavalelwa ejele ngoNtulikazi nyakenye ngenxa yokweqa umyalelo wenkantolo owawumyalele ukuthi avele phambi kwekhomishini yophenyo eholwa uMphathi wamaJaji uRaymond Zondo.

Kodwa uzakwabo u-Arthur Fraser owayengukhomishana kazwelonke wezokuhlunyeleliswa kwezimilo, wagunyaza ukukhululwa kukaZuma ngoshwele wezempilo, ngemuva nje kwezinyanga ezimbili eboshiwe.

NgoLwesibili uZuma uthe usengakwazi ukunyakaza futhi akhulume ngokukhululeka ngemuva kokuphela kwesigwebo sakhe – nakuba udaba lusaseNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala.

Engqungqutheleni ebigubuzele ubuholi bakudala be-ANC KwaZulu-Natal obebuholwa uMnu Sihle Zikalala, uZuma uthe ubuholi obusha bukaSiboniso Duma bunesibindi abufani nobangaphambilini.

“Ngifuna ukubonga abaholi abasha be-ANC KwaZulu-Natal ngokukhombisa isibindi sabo. Abanye abaholi banesibindi abanye abanaso,” kusho uZuma.

“Akekho ongaphezu komthetho, kumele bona (uDowner noMaughan) baboshwe ngokwephula umthetho.”

U-Adriaan Basson ongumhleli ohamba phambili we-News24, uthe uZuma ubezama ukuvala uMaughan umlomo ngokumvulela icala.

Icala lihlehliselwe umhla zimbili kuNhlolanja ngo-2023.

UDowner kanye noMaughan bafake izicelo zokuthi icala lesulwe ohlwini.

Ividiyo: UZuma uculela abalandeli bakhe ngaphandle kwenkantolo

Umthombo: @NewzRoomAfrica

Izihloko zakamuva