UZuma usabisa ngokuveza obala amahlazo “ezinhlangano nezisekelo eziqavile”

Lungani Zungu

Njengoba usuku lwakhe enkantolo selungenakugwenywa manje, uJacob Zuma ngeke angene obishini yedwa.

UZuma, indoda ebihlala ithi ifuna izinsuku zayo enkantolo kodwa esebenzise wonke amaqhinga asencwadini ukubambezela lokhu, manje isihudula izinhlangano nezisekelo eziqavile, okungenzeka ukuthi zahlomula kwi-Arms Deal ngeminyaka yama-1990 ukuya empini.

Ngaphandle kokusho amagama, iNhlangano yalowo owayengumengameli wakuleli, iJG Zuma Foundation isisabise ngokuthi uZuma uzoziveza lezi zisekelo nezinhlangano eziqavile.

“Ithimba lezomthetho likaJacob Zuma selithumele izincwadi ezinhlanganweni eziqavile nezisekelo ezihlomule kwi-Arms Deal ukuveza imininingwane efanelekile ngezinguquko ezifanele,” kufundeka i-tweet evela kwiNhlangano.

INhlangano kaZuma ithe imininingwane izokwethulwa ngesikhathi kuqulwa icala likaZuma “ukulungisa lolu daba ngendlela efanele ngesikhathi esifanele”.

UZuma ubuyela eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoLwesibili.

Ubhekene namacala ayi-18 kwi-Arms Deal ahlobene nokufumbathisa okusolwa ukuthi wakuthola enkampanini yezikhali yase-France i-Thales, phambilini eyayibizwa nge-Thompson-CSF, ngenhloso yokuvikela ukushushiswa ngokuzayo.

Waliphika icala.

Kulokho okuchazwe njengamaqhinga okubambezela kaZuma, wafaka isicelo sokuhoxiswa komshushisi uBilly Downer kuleli cala, esola uDowner ngokuchema nokuthi usebenza nezinhlangano zomhlaba ezinjenge-CIA.

UZuma, odonsa isigwebo sezinyanga eziyi-15 ebhadla ejele, uthole ukunqoba ekuqaleni kwaleli sonto ngemuva kokuba iJaji uPete Koen evumile ukuthi icala lakhe lizolalelwa mathupha enkantolo evulekile.

Lokhu bekusho ukuthi uZuma uzoba seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu kanti nabalandeli bakhe, abebekade beyidelela imithetho yomvalelo, kulindeleke ukuthi babekhona ukuzomeseka.

Umthombo wesithombe: @ Newzroom405

Izihloko zakamuva