UZuma ukhona emaphepheni okuvota

Lubhalwe nguZukile Majova

Amalungu eqembu loMkhonto Wesizwe (MK) Party abungaza ukuqinisekiswa yi-Independent Electoral Commission (IEC) ukuthi umholi weqembu uJacob Zuma usephepheni lokuvota.

I-IEC ithe noma ngabe uthini umphumela wesikhalo sayo esinqumweni seNkantolo yoKhetho sokugunyaza ukufaneleka ukukhethwa kukaloyo owayenguMengameli uZuma njengoba ezobe ekwiballot.

“Ukuthi ukhona akunamthelela odabeni ngoba ungumholi weqembu elibhalisiwe, kungakhathalekile ukuthi ungenele okhethweni. Ngeke libe nomthelela (igama lakhe) ephepheni lokuvota,” kusho isikhulu esiphezulu se-IEC, uSy Mamabolo.

Lezi zindaba zivele ngesikhathi iMK ilungiselela ukwethulwa kwe-manifesto yayo e-Orlando Stadium ngempelasonto.

Ekuqaleni bekucatshangwa ukuthi uZuma, owagwetshwa izinyanga ezingu-15 ebhadla ejele ngokudelela inkantolo wayengeke akwazi ukungenela ukhetho.

Izithombe zamaphepha okuvota kazwelonke ezisabalele ngoLwesibili ebusuku zikhombisa amaqembu ezepolitiki angu-52 azongenela ukhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba.

I-IEC ithe bangaphezu kuka-76 000 abantu baseNingizimu Afrika abaphesheya abazoba ngabokuqala ukuzovota ngoLwesihlanu nangoMgqibelo.

Ikhomishana ithe abaphuma kwamanye amazwe bazothola iphepha lokuvota likazwelonke kuphela hhayi amaphepha okuvota esifundazwe nawesifunda.

Abavoti abazobe bengaphandle kwezifunda zabo zokuvota ngosuku lokhetho kubandakanya nalabo abafake izicelo zamavoti ayisipesheli ngempumelelo bazothola iphepha lokuvota likazwelonke kuphela eziteshini zabo zokuvota.

I-IEC ithe iphrinte iphepha lokuvota elide kunawo wonke emlandweni wokhetho lezwe njengoba kunamaqembu angu-52 angenele ukhetho lukazwelonke.

I-ANC isendaweni yesine ephepheni lokuvota, iDA isendaweni yesishiyagalolunye, i-EFF isendaweni yesi-11, i-IFP isendaweni ka-17, iMK ikunombolo 30.

Isithombe esingenhla: Iphepha lokuvota.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva