UZuma ukhaphela u-Ace

Lungani Zungu

U-Ace Magashule uzizwa sengathi ukhashelwe uzakwabo ophinde abe umeluleki wakhe uJacob Zuma.

Lokhu kungenxa yokuthi uZuma akazange aphumele obala aqoke uMagashule uNobhala-Jikelele we-ANC osamisiwe ukuthi akhethwe ezikhundleni eziyisithupha eziphezulu ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi ngoZibandlela.

Esikhundleni salokho uZuma (80) umemezele ukuthi usekulungele ukuba uSihlalo weqembu ngesikhathi ephakamisa uNkosazana Dlamini-Zuma esikhundleni sobuMengameli.

Ngo-2017 uDlamini-Zuma wahlulwa uMengameli uCyril Ramaphosa ngesikhathi uMagashule owayesohlwini lwakhe ewina isikhundla sikaNobhala-Jikelele.

Ababili abangaphakathi eqenjini abazwana noMagashule bathi ubenethemba lokuthi uZuma uzophakamisa igama lakhe ukuze afakwe kwabahambisana noDlamini-Zuma.

Kodwa amathemba akhe okuqokwa uZuma aye ashabalala ngesikhathi igama lakhe lingabizwa emhlanganweni wabo obuseNkandla ngenyanga edlule, kuveza umthombo ongaphakathi.

“Uye eNkandla ngethemba lokuthi uZuma uzophakamisa igama lakhe ukuze angene kwabayisithupha abaphezulu. Kodwa uZuma akazange akwenze lokho. Kunalokho ucele uMagashule ukuthi agqugquzele ukuthi abantu bameseke yena noDlamini-Zuma esifundazweni azalelwa kuso e-Free State.”

Akukacaci ukuthi bekuzokwenzekani ukube uMagashule uqokwe uZuma naye odonsa kanzima ukuze umkhankaso wakhe wokubuyela kwezombusazwe uphumelele.

Nyakenye uMagashule wake wabonakala njengomuntu ongase abe ozoqokwa iqembu elingaphakathi kwi-ANC elibizwa nge-RET ukuthi athathe isikhundla sikaMengameli uRamaphosa engqungqutheleni ye-ANC yangoZibandlela.

Iziphakamiso zokweseka uMagashule kwesikaMengameli yizona ezazihamba phambili osukwini ngesikhathi evele enkantolo mayelana nethenda ye-asbesto ka-R255 million enkantolo yase-Bloemfontein.

Lokhu kube icala eliholele ekutheni uMagashule amiswe njengonobhala-jikelele nyakenye ngoNhlaba.

Lokhu kwengeza enkingeni kaMagashule njengoba i-ANC inesinqumo esiqinile sokuthi amalungu abhekene namacala ngeke avunyelwe ukungenela ukhetho lwangaphakathi.

“Unomunyu futhi uthukuthele. Uma kuwukuthi ubonile akazange alubhade ngisho enkantolo ecaleni likaZuma ngoMsombuluko. Kodwa ngicabanga ukuthi uzobhekana noZuma, bazothola indlela yokulungisa izinto,” kusho omunye ongaphakathi eqenjini.

Umsekeli kaMagashule oqotho uTebogo Radebe uthe izinto zisengashintsha.

“Sisalelwe izinyanga ezimbili ngaphambi kwengqungquthela futhi kusengenzeka noma yini. Akukho okuyisiphetho sangempela epolitikini yangaphakathi ye-ANC.”

UMagashule akatholakalanga ukuba aphawule.

Isithombe esingenhla: OwayenguMengameli wezwe uJacob Zuma no-Ace Magashule.

Umthombo: Ace Magashule Facebook

Izihloko zakamuva