Lubhalwe nguMlungisi Gumede
OwayenguMengameli uJacob Zuma ugxeka umthetho we-ANC wokuhoxiswa kwabasolwa ngenkohlakalo wathi usetshenziselwe ukuvalela ngaphandle amanye amaqabane.
Ekhuluma ngesikhathi kunomkhankaso we-Sanco Khuluma Mhlali KwaMashu, uZuma osenguSihlalo we-KZN Sanco uthe umthetho weqembu wokuhoxa uchemile.
“Umthetho wokuhoxa we-ANC usetshenziswa ukuxosha amanye amaqabane kodwa amanye ube uwavikela. Kukhona amaqabane enze amaphutha amancane, kodwa axoshwa eqenjini kube khona lawa enza amacala amakhulu afihla izimali aphinde enze inkohlakalo, kodwa ayavikelwa,” kusho uZuma.
Uthe abanye abaholi be-ANC abayinaki indaba yepulazi lasePhala Phala ngoba bavikela uMengameli Cyril Ramaphosa. UZuma uxwayise ngokuthi i-ANC isengcupheni yokuhlulwa okhethweni oluzayo ngonyaka ozayo uma ingenzi lutho ukuhlenga iqembu.
“Kumele sizame ukuhlenga iqembu, imiphumela yokhetho lohulumeni basekhaya yakamuva isitshela ukuthi njengenhlangano sisenkingeni enkulu uma kungenziwanga lutho futhi sizophelelwa amandla kulabo abangahambisani nenkululeko abanye bethu bayoquleka.”
UZuma unxuse amalungu e-Sanco ukuthi agxeke abaholi be-ANC, wathi i-Sanco kumele ibe ngelinye lamadlelandawonye aqinile e-ANC.
“Ngizophinda lokho engakusho ngosuku lwamalungelo abantu, ukuthi esinye sezizathu zokusungulwa kwe-Sanco kwakuwukugqugquzela izinhlangano zomphakathi kuzwelonke ngesikhathi i-ANC ivaliwe ukuthi yenze lokho ngesikhathi sikahulumeni wobandlululo,” kusho uZuma waphinde wengeza ngokuthi i-Sanco ineqhaza elikhulu okufanele ilibambe ekubuseni kwezwe.