Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Umholi woMkhonto weSizwe (MK) Party uMnuz Jacob Zuma udinwe enkonzweni yesikhumbuzo samalungu eqembu wacishe waxosha abasolwa khona lapho ngokuba imidlwembe.
Lokhu kwenzeke enkonzweni yabesimame be-MK Party ebiseWembezi eMtshezi ngoMgqibelo.
Laba besifazane abayisithupha bashona engozini yetekisi elagingqika ngase-Kranskop lagqamuka amalangabi, basha bangqongqa.
Babebheke eNkandla emcimbini weMK Women’s League wokuyohlonipha unkosikazi kaZuma, Sizakele MaKhumalo-Zuma, futhi obekungowokuvala uMfumfu njengenyanga yabesifazane.
Kule nkonzo yesikhumbuzo kubekhona amalungu oMkhonto weSizwe Party, avuke umbhejazane ehhahhameza izikhulumi, ezinye ezithuka.
UZuma udinwe wagibela esteji watshela amalungu abegcwele ephuphuma ukuthi bahlaza iqembu laba abaphazamisayo futhi engabaxosha kwakhona lapha enkonzweni.
“Yini le na eniyenzayo, uma nitshela abantu nithi i-MKP izobakhulula iphathe izwe? Kodwa nimatasa nihlaza iqembu nithuka nezinhlamba. Ibizwa ngani lento eniyenzayo. Uma ungeneme yini ungayi ukuyokhuluma nobuholi uchaze inkinga? Niyazi le nto eniyenzayo iyalihlaza iqembu,” kusho uZuma.
Ngakolunye uhlangothi owayengumholi wentsha yeqembu uMnuz Bonginkosi Khanyile uthe kunabantu abaxova iqembu abasebenzisa intsha beyilalisa nasemahhotela ngoba befuna ukufeza izinhloso zabo.
“Ukube awukho baba uMsholozi ngabe ngibabiza ngamagama. Kodwa manje ngihlonipha wena. Le nto eyayenzeka kusakhona uJabulani Khumalo sebeyayiphinda manje, balawula intsha.
“Kunabaholi abathile abathatha intsha beyoyilalisa emahhotela ngoba bexova iqembu. Uthola umholi wentsha engasakwazi ukuthatha izinqumo kodwa usetshelwa yilezi zingwevu ezilawula iqembu ngokuxova,” kusho uKhanyile.
Laba besifazane abayisithupha obekuyinkonzo yabo abakaziwa ukuthi bazofihlwa nini ngenxa yokuthi kusalindwe imiphumela yolibofuzo.
