UZuma ubambezela ukuqulwa kwecala njengoba efuna ukukhipha uDowner

Lungani Zungu

UJacob Zuma kungenzeka azi mhla zingama-26 kuMfumfu ukuthi isicelo sakhe sokuxoshwa komshushisi woMbuso u-Advocate Billy Downer siyaphumelela yini noma cha.

Kodwa-ke, ochwepheshe ababili bezomthetho bathe leli cala kungenzeka liphonswe ngaphandle kwenkantolo.

“Leli ngelinye isu likaZuma lokuqhubeka nokubambezela leli cala,” kusho isazi sezomthetho u-Ulrich Roux.

Isazi sezomthetho uMpumelelo Zikalala uthe ukube ubengummeli kaZuma, ubezofaka isicelo sokuhoxiswa kukaDowner ngokuhamba kwesikhathi.

Uthe uma inkantolo ingavuna uZuma, okuyinto ayingabazayo, ithimba labammeli bakaZuma lizolwela ukuthi atholwe engenacala ecaleni langowe-1990 elalihlanganisa izigidigidi zamarandi lokuThengiswa kweZikhali.

UZuma usolwa ngokuthatha imfumbathiso enkulu enkampanini yokukhiqiza izikhali yase-France i-Thales, eyayikade iyi-Thomson-CFS, ukuze avikeleke kumshushisi.

Ngemuva kweminyaka, lezi zinsolo zokugwazisa ziyabuya zizobacindezela njengoba bezithola beseNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu lapho uZuma esolwa khona njengommangalelwa wokuqala kanti i-Thales isolwa njengommangalelwa wesibili.

Umbango phakathi kwethimba likaZuma labammeli, oholwa ngummeli uDali Mpofu, nelombuso, eliholwa ngu-Advocate Wim Trengove, uqhubeke ngoLwesithathu.

UTrengrove usole uZuma ngokuthembela ezenzweni zetulo lakhe elingabazisayo lokususa uDowner njengomshushisi.

UMpofu uziphendulele, wathi uDowner akakulungele ukushushisa uZuma, emsola phakathi kokunye, ngokunika intatheli amarekhodi kaZuma.

Isinyathelo esilandelayo kumele sivele kuJaji Piet Koen, onconywe ngokuphatha kahle le nqubo, ngisho ngabanye babalandeli bakaZuma.

UZuma ubengekho enkantolo njengoba esalulama esibhedlela sase-Gauteng kulandela ukukhishwa kwakhe ngoshwele wezokwelapha ngemuva kokudonsa izinyanga ezimbili kuphela zesigwebo sakhe sezinyanga eziyi-15.

Kodwa-ke, kubonakala kunezimpi eziningi zomthetho eziza kuZuma ngemuva kokuthi i-DA ne-AfriForum beye enkantolo, bephikisana nokukhishwa kukaZuma ejele.

Bathi ukhomishana wezokuhlunyeleliswa wamajele u-Arthur Fraser, wephule umthetho ngesikhathi egunyaza ukudedelwa kukaZuma.

Izihloko zakamuva