UZuma noShaik sebephinde baba izithupha ziya ogwayini

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Abangani abadala kanye nabaxhasi bempilo kaJacob Zuma sebephinde bahlangana njengoba owayenguMengameli ezama ukuqala phansi kwezepolitiki neqembu loMkhonto Wesizwe.

Umngani kaZuma owayengumeluleki wakhe wezezimali uShabir Shaik uhlanganyele noZuma engxoxweni yomphakathi KwaZulu-Natal ukukhombisa ubumbano nabantu base-Palestine.

Ehlezi etafuleni noZuma, umkhohlisi owalahlwa icala ubelokhu esiza uZuma ngesikhathi ekhuluma waze wamukhumbuza ukuthi umsebenzi omkhulu woMkhandlu wezokuPhepha we-UN ukuqinisekisa ukuthi kunokuthula emhlabeni.

UZuma ubuze ukuthi usemthethweni yini uMkhandlu Wezokuphepha we-UN uma amanye amalungu amahlanu ahlala ngokuphelele okuyiMelika, i-China, i-Russia, i-France ne-Britain bengaphikisa isinqumo somkhandlu.

Unxuse ukuba kube nohlelo olusha ku-UN oluvumela ukuthi inhlangano yomhlaba ibuswe ngentando yeningi yamazwe.

“Ukuhlaselwa okwenziwa i-Israel kuyathusa futhi angikaze ngiyibone into enje empilweni yami.
“Ukucekela phansi izindawo zasemakhaya, amadolobha kuphinde kubulawe abantu umhlaba wonke ubhekile.
“Amazwe anikezwe lomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi alukho udlame kuba nokuthula, kungani engakwenzi lokho okulindeleke ukuthi bakwenze,” kusho uZuma.

OwayenguMengameli noShaik babonakale bejabule njengoba uShaik ejoyina uZuma emdansweni.

Iminyaka engaphezu kweshumi, uShaik ubexhasa uZuma ngezimali ezingenanzalo okwagcina ngokuthi uShaik afune ukugwazelwe uZuma ngo-R500 000 ngesikhathi kuthengwa izikhali enkampanini yezikhali yase-France i-Thales.

UShaik watholakala enecala wagwetshwa iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngamacala okukhwabanisa nenkohlakalo. Ngemuva kokudonsa iminyaka emibili ejele, uZuma enguMengameli wezwe uShaik wadedelwa ngoshwele ngenxa yesimo sempilo yakhe.

Icala lamanje le-NPA lenkohlakalo elibhekene noZuma noThales lisukela ecaleni likaThales lapho iJaji uHilary Squires lathola khona ukuthi kunobufakazi obuqanda ikhanda bobudlelwano obunenkohlakalo phakathi kukaShaik noZuma.

Khonamanjalo uZuma neqembu leMK bachithe impelasonto bekhankasa eMpumalanga, e-Gauteng naseKZN.

Lo mkhankaso uqalwe ngojenga lwezimoto eziningi emgwaqeni eMpumalanga naseGauteng, uphethe ngokuthi uZuma akhulume nezinkulungwane zabalandeli eMgungundlovu ngeSonto.

UNxamalala uze wavakashela ibandla lakwaShembe entabeni yaseKhanana eKZN lapho efike wacela khona ukuthi akhulekelwe umholi webandla.

Uthe unezifiso zokubuyela emandleni aphinde ahole izwe.

UZuma uhole amahlandla amabili njengoMengameli waseNingizimu Afrika futhi akavinjiwe umthetho wezwe ukuthi akhankasele isikhundla esiphezulu.

Izihloko zakamuva