UZuma kumele akhokhe izigidi eziyi-R10

Lungani Zungu

UJacob Zuma kumele akhokhe imali elinganiselwa kwizigidi eziyi-R10 ayisebenzisela imali yezomthetho elwa nokukhishwa kombiko woMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela ngowezi-2016.

Lowo owayengumengameli waya enkantolo enkulu ngemizamo yokugcina ukugwema ukukhokha imali yezomthetho ayisebenzisa elwa nokukhishwa kombiko wokulawulwa kombuso ngesikhathi esengumengameli.

IBamba leJaji Eliphezulu uSisi Khampepe lisichithile isicelo sikaZuma wengeza nezindleko.

UZuma, owayekade ekhala ngokudla imbuya ngothi phambilinini, kumele ayikhokhe le mali futhi iphume ephaketheni lakhe.

Embikweni wakhe, uMadonsela wayalela ukuthi kwenziwe uphenyo oluzophenya ngezinsolo zokubanjwa koMbuso.

UZuma waphuthuma enkantolo, waphonsela inselelo ukuthi umbiko wakhe awuhambisani noMthethosisekelo.

Ngowezi-2017, iNkantolo eNkulu yase-North Gauteng yasichitha lesi sicelo yabe isikhipha isinqumo sokuthi uZuma abhekane nezindleko.

Nakulonyaka odlule, inkantolo enkulu yezikhalazo yasichitha isicelo sakhe semvume yokudlulisa isicelo sezindleko.

UZuma waya enkantolo ephakeme, kodwa wabuya ehluliwe, esele nesikweletu esikhulu sezomthetho.

Isicelo sikaZuma siphikiswe yiHhovisi loMvikeli Womphakathi, i-Economic Freedom Fighters, i-Democratic Alliance, i-Congress of the People, i-United Democratic Movement kanye noMkhandlu Wokuthuthuka koMthethosisekelo waseNingizimu Afrika.

Ukushaywa kwakhe ngumthetho izolo kwenzeke ngemuva kosuku ewaphikile wonke amacala ayi-16 okungamacala ahlobene ne-Arms-Deal eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.

Ubhekene namacala okukhwabanisa, inkohlakalo, nokushushumbisa imali.

Umelwe ngu-Advocate uDali Mpofu.

Izihloko zakamuva