UZuma endleleni yokubuyisa amandla akhe kwezepolitiki

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

OwayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma usethubeni lokuba aqokwe kwingqungquthela kazwelonke yenhlangano yabahlali iSouth African National Civic Organisation (Sanco) ngesonto elizayo kulandela ukukhethwa kwakhe yilo mbutho eKZN.

UZuma ukhethwe esemngcwabeni ukuba aphinde ahole iSanco edlelana noKhongolose engqungqutheleni ebiseThekwini izolo.

Le ngqungquthela obekungeyaKwaZulu-Natal, ibibanjelwe eDurban University of Technology ophikweni iML Saltun kanti kuthiwa uZuma ukhethwe kungalindelwe njengoba ebevele engekho.

Ukukhethwa kwakhe kumbeka ethubeni lokuba akhethwe nakwingqungquthela yale nhlangano kuzwelonke ezoba seThekwini ngelizayo.

Uma ekhethwa kuzwelonke lokho kuzobuyisa amandla akhe njengoba ezokwazi ukubamba iqhaza nakuKhongolose kuzwelonke.

Umuntu obebhekiwe kulesi sikhundla esithathwe nguZuma, uMnuz Lucky Moloi obenguSihlalo kaKhongolose esifundeni iNkosi Bhambatha ehlanganisa iNquthu, uMsinga, iDundee noMvoti.

Esinye sezithunywa esikhulume neScrolla.Africa sithe indaba yokuthi uZuma uyasingenela isikhundla imenyezelwe kuyo ingqungquthela kungazelele muntu.

“Sithole ngosuku lwengqungquthela ukuthi uZuma naye uyakhethwa. Ukuthi vele kuSanco indoda ikhonjwa ngentshebe laphaya uma ubuka ukwenzeka kwezinto,” kusho lesi sithunywa esicele ukungadalulwa.

Kuthiwa lokhu kusho ukuthi uZuma nguye ozokwamukela uMengameli kaKhongolose uMnuz Cyril Ramaphosa engqungqutheleni yeSanco kazwelonke.

URamaphosa uzobe eyisikhulumi nesimenywa esiqavile kule ngqungquthela ezayo.

ISanco yaziwa kakhulu ngokweseka uZuma kusuka kuyiwa engqungqutheleni kaKhongolose eyayihleli ePolokwane ngo-2007.

Ngaleso sikhathi iSanco yayisaholwa uNkk Ruth Bhengu nabanye abaholi ababengamfuni nokumbona owabe enguMengameli kaKhongolose uznuz Thabo Mbeki.

Lo mbutho wabahlali, usubenezi ngxabano eziningi njengoba bekugcinwa kungasaziwa ukuthi ubani umholi wawo wangempela ngenxa yokubangwa kwezikhundla osekwenzeke iminyaka.

Ngaphandle kwalokho ngisho i-ANC igcine ingasayinaki njengoba ibuhlale ilwela ukuthi yona ayinakwa kodwa kugqanyiswa iCosatu neSACP .

Ngakolunye uhlangothi iSanco ijoyinwa isikhathi esiningi abaholi asebeshawe banaba kupolitiki kaKhongolose.

UNobhala-Jikelele kaKhongolose uMnuz Fikile Mbalula unxuse abaholi bayo iSanco wathi abayeke ukulwa bodwa balungise idlu yabo eshayo ukuze bakwazi ukusiza i-ANC okhethweni.

Izihloko zakamuva