UZuma akanalo noluncane uvalo njengoba ebhekene nesigwebo sasejele

Lungani Zungu

Yize ebhekene nesigwebo seminyaka emibili ejele, uJacob Zuma usalokhu eyindoda ejabule emzini wakhe oseNkandla.

Umfowabo kaZuma, uKhanya utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lowo owayengumengameli usekhulume kaningi ukuthi akalisabi ijele.

“Uma befuna ukumubopha, kumele bakwenze lokho,” kusho uKhanya naye ohlala edolobheni laseNkandla.

Umuzi kaZuma oseNkandla ugadwe ngamalungu oMkhonto Wesizwe selokhu kwaqala ukuqagelwa kokuboshwa kwakhe, kodwa uKhanya akakwazanga ukuchaza noma bazovimbela ukuboshwa kwakhe.

“Sizobona uma sebefika bezobopha umfowethu. Angikwazi ukuqagela ukuthi kuzokwenzekani ngaleso sikhathi,” kusho yena.

Kunemibiko engaqinisekisiwe yokuba khona kwamasosha kahulumeni ezingxenyeni ezisenyakatho yeKZN, okubandakanya iNkandla.

Lokhu kukholakala ukuthi wuhlelo olusetshenziswe ngabomthetho kuzwelonke ukuvimba ngokushesha noma yikuphi ukuvukela okungavela kubasekeli bakaZuma abamthanda kakhulu.

“Ngeke ngisho ukuthi abantu ngeke babe nenkinga uma kuboshwa umfowethu. Khumbula ukuthi abantu abaningi bakholelwa ukuthi uphathwa ngendlela engafanele uhlelo lwezobulungiswa,” kusho uKhanya.

UZuma uzithole esesohlangothini olungafanele lomthetho ngemuva kokuphikisa umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo wokuthi azovela kwikhomishini ephenya ngokulawulwa kombuso.

Wayefuna ukuthi uSihlalo weKhomishini, iPhini leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo, ahoxe ngaphambi kokuya kule khomishini.

Ngisho neqembu likaZuma uqobo lalivele limgxeka ngokusobala ngokuvukela uhlelo lwezobulungiswa.

Ngayo yonke imizamo eyenziwe ukukhuluma naye, uZuma akakawushintshi umqondo wakhe.

Inkantolo yoMthethosisekelo kusafanele yenze isinqumo ngecala lokudelela.

Izihloko zakamuva