Uzulelwa amanqe uKaunda eThekwini 

Lubhalwe nguLungani Zungu

IMeya yeTheku ebhekene nezinkinga uMxolisi Kaunda nguyena ozolandela ngokuxoshwa njengoba i-EFF kanye nethimba le-ANC bekhiphe isekela lakhe uPhilani Mavundla.

Kodwa lokhu akulona ize kwi-EFF kaJulius Malema.

Kuthiwa i-EFF isibheke ngabomvu isikhundla sePhini leMeya kulo masipala onesabelomali sika-R55 billion ngokusiza i-ANC ukuthi ikhiphe uMavundla.

I-ANC iyodwa ibizokwehluleka ukukhipha uMavundla ngesikhathi kuvotelwa ukungethenjwa kwakhe ngoLwesibili njengoba ingenalo iningi lezihlalo kwezingu-222 zomkhandlu.

UMavundla unguMengameli we-Abantu Botho Congress okuyiqembu elisize i-ANC kanye namanye amaqembu amancane ukuthi iqhubeke nokubusa kumasipala omkhulu ngemuva kokwehluleka ukuwina ngamavoti amaningi okhethweni lwanyakenye.

I-ANC inezihlalo ezingu-96 emkhandlwini, yehle ngezihlalo ezingu-16 ebiziphethe ngaphambi kokhetho lwanyakenye ngesikhathi yehlela ngaphansi kuka-50% – iya ku-42% isuka ku-56% okhethweni lwango-2016.

Ngosizo lwezihlalo ezingu-24 ze-EFF, i-ANC isiphethe amandla amakhulu emkhandlwini kodwa isancenga i-EFF.

Kuthiwa i-ANC ne-EFF basungule isu lokuketula uKaunda – obhekene nenqwaba yokugxekwa ngesimo esingesihle samabhishi aseThekwini.

Imithombo engashayi eceleni ngohlelo lokususa imeya ithe sekusele kancane ukuthi uKaunda akhishwe esikhundleni.

“Bazosebenzisa ukwehluleka kwakhe ukuhlanza iTheku njengesizathu sokumcela ukuthi ahoxe. Uma enqaba ukwehla esikhundleni uzokhishwa ngenkani njengoMavundla,” kusho ikhansela le-ANC eThekwini.

Ikhansela le-ANC uMnu Nkosenhle Madlala ophinde abe yiPhini likaSihlalo we-ANC esifundeni iTheku, kuthiwa usemi ngomumo ukuze athathe izintambo uma uKaunda ekhishwa esikhundleni.

Ayaqina amahlebezi okuthi uKaunda uzosuswa ekuqaleni kwangonyaka ozayo. Isikhathi sakhe besizophela okhethweni oluzayo lohulumeni basekhaya ngo-2026.

I-EFF ifihle induku emqubeni.

UNobhala we-EFF esifundazweni uNkululeko Ngubane, uthe: “Okwamanje besingakanqumi ukuthi sifunani kuMasipala weTheku. Ebesifuna ukukwenza ukukhipha uMavundla kulesi sikhundla.”

Uthe zonke izinqumo mayelana nesikhundla seqembu kumasipala weTheku zizophuma kubuholi bukazwelonke kuze kufike ezifundeni.

UMadlala we-ANC akatholakalanga ukuba aphawule.

Esithombeni esingenhla: OwayeyiPhini leMeya yeTheku uPhilani Mavundla (ogqoke ihembe elinomkhono omfishane) kanye nemeya uMxolisi Kaunda

Umthombo wesithombe: @IOL

Izihloko zakamuva