Uzoyohlolwa ingqondo osolwa ngokungqongqisa iPhalamende

Celani Sikhakhane

UZandile Mafe uphethwe yisifo esiphazamisa ingqondo esibizwa nge-Paranoid schizophrenia.

Ummeli kaMafe uDali Mpofu usho lokhu ngenkathi ekhuluma enkantolo ngoLwesibili ekuseni.

Ngemuva kokuthi uMafe avele enkantolo, okhulumela i-NPA, u-Eric Ntabazalila utshele abezindaba ukuthi umsolwa uzohanjiswa esibhedlela i-Valkenberg Psychiatric izinsuku ezingu-30.

UMpofu uphinde watshela inkantolo ukuthi uMafe  usabisa ngokuthi uzoduba ukudla  uma inkantolo imnqabela ibheyili.

“Ummangalelwa akaqondi ukuthi kungani umbuso ufuna ukumnika ukudla ekubeni wahluleka ukwenza lokho esahlala ezitaladini zaseKapa. Ummangalelwa ukholelwa ekutheni ubhixwa ngobubende inyama engayidlanga,” kusho uMpofu.

UMafe umangaze abaningi ngesikhathi evela enkantolo egundile futhi egqoke isudi.

UMafe uphinde wajabulela ukwesekwa izinkumbi zabantu eziye zagcwala emigwaqeni yaseKapa ukuzomeseka zifuna ukuthi akhululwe njengoba abantu abaningi bekholelwa ekutheni akabandakanyeki ekushisweni kwePhalamende.

Omakhelwane bakaMafe e-Khayelitsha bamchaze njengomuntu othanda ukwenza izinto ngasese futhi ojwayele ukuzihlalela yedwa.

Abanye baphinde bamumatanisa ngokuba yilungu le-Radical Economic Transformation (i-RET) elaleseka lowo owayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma.

Sekwengezwe icala lokusebenzisa ubudlova kwamanye amacala amahlanu ahlanganisa ukugqekeza, ukutholakala neziqhumane kanye nokushisa.

Icala lihlehliselwe kumhlaka-11 kuNhlolanja.

Izihloko zakamuva