Uzovula icala umfundi ocwasiwe

Dylan Bettencourt

Umfundi omnyama ogqekezelwe igumbi lakhe esikoleni kwachanyelwa itafula lakhe, izincwadi kanye ne-laptop esigamekweni esambisana nokucwaswa ngokobuhlanga uzovula icala. 

Inyuvesi yase-Stellenbosch isiqinisekisile lesi sigameko ngoMsombuluko yase imisa umfundi okusolwa ukuthi nguyena owenze lokhu.

Okhulumela iNyuvesi uMarias Viljoen uthe umsolwa  usazobhekana necala lokuxoshwa.

“Ngemuva kokumiswa kwakhe kunolunye uphenyo olusheshayo kodwa oluzocacisa ngekusasa lakhe esikoleni. Kungenzeka axoshwe noma abhekane necala lobugebengu kuzoya ngomphumela wophenyo,” kusho uViljoen.

Uyise womfundi ocwasiwe ukuqinisekisile ukuthi indodana yakhe izovula amacala.

“Ngokuhamba kwesikhathi uzovula icala lokucekela phansi impahla esiteshini samaphoyisa e-Stellenbosch,” kusho ubaba womfundi obedangele etshela i-Weekend Argus.

“Akakaze ahlale ngaphandle futhi kungiphatha kabi ukubona ukuthi uzwa ubuhlungu obunje esemncane kangaka. 

Indodana yami ingitshele ukuthi yonke into icwile kumchamo.” Umsolwa uthe uzokhuluma ngokuhamba kwesikhathi.

“Umfundi othintekile kuyacaca ukuthi usashaqekile ngemuva kwesigameko esibuhlungu,” kusho uDkt Choice Makhetha wale Nyuvesi.

“Usazama ukubhekana nokwenzekile futhi uthola nokwelulekwa ngokwengqondo. Uzokwesekwa uma kudingeka ukuqinisekisa ukuthi akaphazamiseki kwizifundo zakhe.”

I-South African Student Congress (i-Sasco) ithe lokhu kuhlasela kuhlobene nokucwasa ngokwebala.

“Ekuseni ngomhlaka-15 kuNhlaba lo mfundi osolwa ngokucwasa uhlasele umfundi omnyama owenza unyaka wokuqala egunjini lakhe e-Huis Marais eNyuvesi yase-Stellenbosch.

“Ngesikhathi ebuzwa umsolwa ukuthi ukwenzelani lokhu, impendulo kwaba ukuthi ilokhu abakwenzayo kubafana abamnyama,” ngokusho kwesitatimende se-Sasco. 

Lesi akusona isigameko sokuqala sokucwaswa ngokwebala kule Nyuvesi. 

Ngonyaka ka-2008 kunevidiyo eyakhombisa abasebenzi abamnyama abahlanza izindlu  abahlanu behlukunyezwa ngabafundi abamhlophe endaweni okuhlala abesilisa eNyuvesi yase-Free State.

Umthombo wesithombe:@CapeTownETC

Izihloko zakamuva