Uzovela kumabonakude odabuka elokishini elikhungethwe ubugebengu 

Lubhalwe nguKhaya Ndaba

Elokishini lase-Cloverdene e-Benoni intsha inezindawo ezimbalwa engabalekela kuzo ukuze ingakwazi ukubhekana namaqiniso abuhlungu okuntuleka kwemisebenzi, ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa kanye nobugebengu.

Kodwa u-Ayandisile Qibazonke (19) uthole indlela yokuphuma futhi usezobonakala kumabonakude emdlalweni ozayo othi Shaka ILembe.

Lo mdlalo wochungechunge oshuthelwe e-Muldersdrift, eNkandla nakwezinye izindawo zaKwaZulu-Natal uchaza ngezigodlo zakaZulu eziyisikhombisa nokusungulwa kobukhosi bukaZulu nangeSilo uShaka.

Lo mdlalo ozokhonjiswa ku-Mzansi Magic ngasekupheleni kwalo nyaka uzoba nabalingisi okubalwa kubo uNomzamo Mbatha, uLemohang Tsipa, uWiseman Mncube kanye nabanye.

U-Ayandisile uqokwe njengomunye wabalingisi basemuva abazodlala kulo mdlalo odidiyelwe i-Bomb Productions. Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ubengakaze acabange ukuthi amaphupho akhe okuvela kumabonakude azofezeka ngelinye ilanga.

“Bekufana nokufezeka kwephupho, bengingakaze ngicabange ukuthi ngingazithola ngisohlelweni olukhulu kangaka, bengikucabanga nje emaphusheni ami angalawuleki,” etshela i-Scrolla.Africa.

Umndeni wakhe nawo ujabule kakhulu njengoba uzombona kumabonakude. Umamncane wakhe uNonkululo Mdunyewa uthe: “Ngiyaziqhenya kakhulu ngo-Ayandisile. Siphila emphakathini onokuntuleka okukhulu kokulethwa kwezidingo noyingozi ezinganeni zethu.

“Kodwa siyameseka yize singenakho okuningi noma engezanga nemali eningi ekhaya sifuna afeze amaphupho akhe.”

U-Ayandisile ufuna intsha ibe nempilo engcono efana neyakhe.

“Ngelinye ilanga ngifuna ukuvula isikhungo sezobuciko ukuze nabanye abanethalente baziqeqeshe, bathole amathuba nokuthi bathole impilo engcono,” esho.

Esithombeni esingenhla: U-Ayandisile Qibazonke

Umthombo wesithombe: Khaya Ndaba

Izihloko zakamuva