Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Isalukazi sahlaselwa iNduna yendawo imsola ngokushona kukayise eminyakeni edlule.
Lesi sigameko sokushaya sithathwe kwividiyo, okuholele ekumisweni kweNduna nokuvela enkantolo.
Luyaqhubeka udaba lesalukwazi sase-Eastern Cape ngemuva kokushaywa yiNduna imsola ngokubulala uyise eminyakeni edlule.
UNowansari Thuma ubephuza unemenadi ngaphandle kwesitolo esigodini saseNgqakayi, e-Elliotdale, ngesikhathi iNduna u-Avela Njuqwana imhlasela ngoLwesithathu olwedlule.
“Sathi sifika lapho, u-Avela neNduna, wayesesitolo namanye amadoda asendaweni. Wafika lapho sasihlezi khona wathi kimi: ‘ngomhlaka-22 kuNhlolanja sizolanda umoya kababa lapho owambulala khona,’’ kusho uThuma.
Wachaza ukuthi yena noyise kaNjuqwana babethandana ngaphambi kokushona kwakhe. Bobabili babesemgubhweni wokubuyela ekhaya ngosuku ashona ngalo.
“Ngabuyela ekhaya nabanye abantu basesigodini, wahamba ngenye indlela, ngacabanga ukuthi ugodukile, ngakusasa ekuseni watholakala eshonile enamanxeba okugwazwa eduze komunye umuzi wakubo,” kusho yena.
Indodana yakhe ibihlale imsola ngokushona .
UThuma ufuna uNjuqwana aboshwe aphucwe isikhundla sakhe ukuze angalimazi abanye.
Usihlalo wekhokhasi yabesifazane kuMasipala wesiFunda u-Amathole uZukiswa Bungeni uvakashele eThuma ngeSonto. Uthe kuyadabukisa ukuthi amadoda aqopha ngomakhalekhukhwini ngenkathi kuhlaselwa uThuma esikhundleni sokumisa konke lokhu.
“Yize siphoxekile ukuthi umuntu owenze le vidiyo ukhethe ukuthatha ividiyo esikhundleni sokuzama ukumisa ukuhlasela, sihlala sibonga ukuthi uthathe le vidiyo ngoba besingeke sazi ngalesi sigameko, futhi umgilwa ubengeke athole ubulungiswa,” kusho yena.
UNgqongqoshe we-Cogta e-Eastern Cape uZolile Williams umise uNjuqwana ngoLwesihlanu njengoba kuqhubeka uphenyo. Induna izovela eNkantolo yeMantshi yase-Elliotdale ngoMsombuluko.
Osesithombeni esingenhla: UNowansari Thuma, owesifazane owashaywa umholi wendabuko e-Elliotdale.
Umthombo: Sithunyelwe