
Everson Luhanga
Kuboshwe owesifazane ngezinsolo zokuhlela itulo lokubulala umyeni wakhe asebehlala naye isikhathi.
Amaphoyisa athi lo wesifazane uqashe izigebengu aziyalela ukuthi zithumbe futhi zibulale umyeni wakhe. Bathe uthembise ukuthi uzobakhokhela imali eningi ngemuva kokuthi babulale umnyeni wakhe.
Kodwa-ke laba basolwa ababili bebengamaphoyisa asebenza ngomshoshaphansi. Kuthe ngeSonto ngesikhathi kusolakala ukuthi lesi senzo sokubulala sizokwenziwa e-Indian Centre e-Kimberley amaphoyisa abe esemthelekela amubopha.
Amaphoyisa athi ukuboshwa kwakhe kulandela isikhathi esingangesonto lonke behlangene nezobunhloli.
“Umkhankaso owenziwe ngokuhlanganyela amalungu e-Provincial Organised Crime and Kimberley Crime Intelligence uholele ekuboshweni kowesifazane oneminyaka engu-40 okusolwa ukuthi wenze itulo lokubulala umyeni wakhe.
“Owesifazane ubanjwe waboshwa ngesikhathi exoxisana nabasolwa.”
Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yase-Kimberley ngoMsombuluko ngomhlaka-16 kuNhlaba ngecala lokwakha itulo lokubulala.