Uzovakashela e-England umculi wama-piano

Farida Joyce

Mhlawumbe igama lakhe lingakudida kancane, kodwa u-Uncle Vinny uneminyaka engu-20 ubudala, futhi ungumculi wama-piano odume kakhulu.

UKabelo Vincent Ndlovu owaziwa ngelika Vinny waduma kakhulu ngekhono lakhe lokudansa okwaholela ekutheni kube nengoma ebizwa nge-#UncleVinnyChallenge. Uphinde abe ngumhleli wobumnandi kanye no-MC.

Umculi osafufusa unabalandeli emhlabeni wonke futhi abakwazi ukulinda ukumbona ecula bukhoma. Abalandeli bakhe base-England bayamhlupha ezinkundleni zokuxhumana bebuza ukuthi bangambona nini enandisa.

U-Uncle Vinny umemezele ekhasini lakhe le-Instagram ukuthi uzoqala ukuvakasha e-Europe kusukela esikhathini esithile kule nyanga kuya kuMfumfu. 

Lo mculi udalule uhlu lwalolu hambo oluzohlanganisa ukuya e-Belgium, e-France, e-Germany, e-England nakwamanye amazwe ambalwa.

UVinny uyazifela ngobuciko futhi wasizwa nguRicky Rick  ongasekho kanye ne-Major League DJz ukuthi aqale ukunandisa. 

Ngemuva kwezinyanga enandisa nabanye abaculi, lo mculi uzoqala uhambo lwakhe eyedwa.

Ngemva kokuthola umbiko omubi ovela kubagxeki emasontweni edlule uVinny wakhwela wadilika wathi “Ngizokhathala ngelinye ilanga futhi uma sengikhathele okwangempela angeke nikuthande lokho ungezi lapha uzokhuluma sengathi uyangazi ngoba akekho noyedwa ongaziyo!

“Abantu bayashesha ukukhuluma noma yini, kodwa uma siphumelela kuyathuleka.”

Umthombo wesithombe: @TimesLive

Izihloko zakamuva