Lungani Zungu
UMengameli uCyril Ramaphosa uzochitha isonto lonke kwikhomishini elawula umbuso lapho ezofakaza njengoMengameli we-ANC noMengameli wesizwe.
Ubufakazi bakhe kungenzeka busikhanyisele ukuthi amaGuptas awuthathe kanjani umbuso ngesikhathi sikaJacob Zuma. Kuzophinde kuveze ukuthi i-ANC yadlala yiphi indima ngokunikezela amandla ombuso.
UMengameli uRamaphosa wayeyiphini likaZuma ngaleso sikhathi. AbakwaGupta bathinta ezindaweni ezibucayi ukuze bathole noma yini abayifunayo njengokuqokwa koNgqongqoshe bekhabhinethi, okumele kube yilungelo likaMengameli kuphela lelo.
URamaphosa uqale ukuvela okokuqala kwikhomishini ngoMbasa. Kwakumele abuye futhi ngoNhlaba kodwa ukuvela kwakhe kwabambezeleka ngenkathi uRaymond Zondo oyiphini lenhloko yamajaji ememezela ukuthi ikhomishini ibanikeze isikhathi ukuthi baqhubeke ngoMandulo.
Abaningi abethule ubufakazi lapho kubalwa owayekhulumela uHulumeni uThemba Maseko bathule izinsolo ezixhumanisa ngqo abakwaGupta nowayenguMengameli uJacob Zuma.
UMaseko utshele ikhomishini ukuthi uZuma wamutshela ngqo ukuthi akasebenzisane namaGuptas.
UZuma akaphikanga ukuthi ubenobudlelwane nabakwaGupta, kodwa uyaziphika izinsolo abazishoyo phambi kwekhomishini yokulawula umbuso.
URamaphosa ngokudlule watshela ikhomishini ukuthi waqala ukuzwa indaba yokulawulwa kombuso ngowezi-2011 ngenkathi kubanjwe umhlangano we-ANC NEC. Ngemuva kokuba uFikile Mbalula oyilungu le-NEC ethi utshelwe abakwaGupta ukuthi uzokhethwa njeNgongqongqoshe omusha, lokhu kwenzeka njengokusho kwakhe.
URamaphosa uthi wabona sekuhambe isikhathi ukuthi ezinye izinqumo bezithathwa ngasese ngabantu bakwa-Gupta.
ONgqongqosha abasanda kukhethwa okubalwa uMondli Gungubele ubekhona kwikhomishini ukuzokweseka uRamaphosa.
Ubufakazi bukaRamaphosa bungadala izinxushunxushu ezinkulu noqhekeko kwi-ANC njengoba kukhona abamusolayo ngokuthi akafuni ukuvuma ukuthi wahluleka njengephini likaMengameli kunalokho ubeka wonke amaphutha kuZuma.