Umphakathi uvikela ingqalasizinda yakwaCity Power

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Izakhamuzi zase-Alexandra sezikubeke ezandleni zazo ukuvikela ingqalasizinda kaMasipala.

Sebehlanganise imali banxenxa nabaqaphi ukuze bavikele ingqalasizinda kagesi.

Kwenzeka lokhu ngesikhathi umphakathi uzithole usuhlezi ngobumnyama ngemuva kokuthi izigebengu zimbe zantshontsha intambo yethusi ebiza u-R70 000.

NgeSonto izakhamuzi zithathe isinyathelo sokusiza izikhulu ukuthi zilungise amakhebuli acekeleke phansi okudale ukucisha kukagesi ezingxenyeni ezithile zaseGomora.

Kufike abesilisa ngobuningi babo ukuzosiza nokuvikela izikhulu ebezisebenza ngobumnyama zilungisa ugesi futhi lokho kusizile ngoba bakwazile ukulungisa izintambo nogesi wabuya.

Esikhathini esingaphansi kwezinsuku ezintathu, izigebengu zibone ithuba njengoba izintambo bezigqitshwe ngentambo ethambile. Zivele zayimba zantshontsha intambo yethusi emgwaqeni ophithizelayo obizwa ngo-Shakespeare e-River Park ngaphandle nje kwesiteshi esincane.

Lezi zigebengu zihambe nentambo yethusi engamamitha angu-100 ebiza u-R70,000.

Nelokishi lase libuyele ebumnyameni.

Lokhu kukhungathekise izakhamuzi okuhlanganisa abesilisa bendawo abasebenze kanzima ukusiza izikhulu ukuthi zifake amakhebuli.

Babuye bazosiza izikhulu, kodwa kulokhu nesixazululo semali. Baziqoqela imali emaphaketheni ukuze bathenge ukhonkolo wokuvala imisele okuzosiza ukuthi izigebengu zingaphinde zintshontshe izintambo.

Umholi waleli qembu uMichael Ngobeni uthe kuwumthwalo wabo njengezakhamuzi ukusiza nokuvikela izikhulu zikaMasipala ezisebenza emphakathini wabo.

“Ugesi uyasisiza kakhulu kanti nezikhulu bezidinga usizo yingakho sihlangane ngeSonto ukuze sizisize,” kusho uNgobenil.

Uthe umphakathi ubize umhlangano ngoLwesibili wavumelana ngokuthi uzonikela ngemali yokuthenga ukhonkolo ozovala imisele ukuze izigebengu zithole kunzima ukumba ziphinde zintshontshe intambo. 

Esinye isakhamuzi esihlanganyele kulo mhlangano, uMnu Abraham Mahumani uthe okubakhathaza kakhulu ukuthi amakhebuli antshontshwa asemgwaqeni ophithizelayo ngakho-ke angeke ukuthi akukho kumele noyedwa owabonile amasela.

Uthe ngaphandle kokuqoqa imali kakhonkolo, umphakathi uvumelene ngokuthi kumele utshale abantu abazoqapha endaweni ukuze bavikele ingqalasizinda.

Okhulumela uMasipala waseGoli, u-Isaac Mangena uthe le nhlangano isiqophe izigameko zokwebiwa kwamakhebuli kanye nokucekelwa phansi kwempahla ezibalelwa ku-1 300 kusukela kuqale unyaka wezimali, kanti sebebalelwa ku-200 ababoshiwe.

“Ngo-2021/2022 saqopha izehlakalo ezingu-2,175 zokutshintshwa kwamakhebula nokucekelwa phansi kwempahla.”

Uthe lobu bugebengu budala ukulahleka kwemali enkulu futhi buphazamise ukuhlinzekwa kwezidingo kubantu baseGoli.

Esithombeni esingenhla: Izakhamuzi ebezisiza izikhulu ukulungisa izintambo zikagesi e-Alexandra

Izihloko zakamuva