Sizwe Sibiya
Njengoba umndeni nabangani belungiselela ukuphelezela umculi obehloniphekile we-Hip Hop uRiky Rick, oshone ngoLwesithathu ngemuva kwezinsolo zokuzibulala, abalandeli bayohlale bemkhumbula ngomculo wakhe omnandi.
Esitatimendeni esikhishwe i-SlikourOnLife, umndeni uthe umngcwabo weciko uRikhado Muziwendlovu Chifaro Makhado, owaziwa ngelikaRiky Rick, uzosingathwa ngasese endaweni yaseGoli namhlanje.
“Umndeni uhlele ukuthi umngcwabo uhanjelwe umndeni nezihlobo kuphela kodwa inkonzo yomngcwabo izosakazwa bukhoma, kuqhuba isitatimende.
Bebonga umphakathi ngokuqhubeka nokubeseka selokhu kwashona lo mculi, umndeni uthe: “Abangani abaseduze, umndeni kanye nabezindaba abakhethiwe bazohlangana enkonzweni ekhethekile yokuhlonipha impilo yalo mculi ngoLwesihlanu, ezinsukwini ezimbalwa ngemuva komngcwabo”.
I-SlikourOnLife indawo okufakwa kuyo umculo eyasungulwa nguSiyabonga “Slikour” Metane we-Skwatta Kamp, owayenobudlelwano noRiky Rick kusukela aqala umsebenzi wakhe womculo.
Khonamanjalo, ingoma yokugcina ekhishwe uRiky Rick, ethi Sondela”, ihlezi endaweni yokuqala kumashadi e-iTunes SA Music kulandela ukukhishwa kwayo ngoNhlolanja ngomhlaka-14.
Ingoma abayibhalele uRiky Rick ethi Lala Ngoxolo ekhishwe Inkabi Records’ uBig Zulu, uMduduzi Ncube kanye noSiya Ntuli okwamanje ihleli esicongweni ku-YouTube lapho okufakwa khona izingoma ezihamba phambili isibukwe abantu abaphezu kuka-700,000 ngemuva kokukhishwa kwayo ngomhla ka-24 kuNhlolanja.
Le ngoma ikhishwe emahoreni ambalwa ngemuva kokuvela kwezindaba zokushona kukaRiky Rick.