Uzoqala ngoLwesihlanu umqhudelwano webhola lombhoxo

Lucky Sithole

Uma kuqala umqhudelwano webhola lombhoxo we-Toulouse Sevens ngoLwesihlanu kuzojabulisa ukubona ukuthi uNeil Powell kanye nama-Blitzboks babhekana kanjani nale midlalo.

Akuyona imfihlo ukuthi ukubuya kwe-Fiji, i-New Zealand kanye ne-Tonga kwenze amazinga aphezulu kakhulu okudlula isikhathi sobhubhano lapho iNingizimu Afrika yayingehlulwa. Kodwa ukunethezeka sekuphelile manje.

Umdlalo wokuqala womqhudelwano we-Toulouse Sevens uzoba phakathi kwama-Blitzboks neqembu lase-Aussie elithuthuke kakhulu. Futhi lo kuzoba umdlalo oshubile.

Uma kukhala impempe kuqale imizuzu engu-14 kulo mdlalo kusho ukuthi usuqalile nomqhudelwano wokulwela ukungena eNdebeni yoMhlaba.

Njengoba isisho sithi namuhla usuku lokuqala lwempilo yakho yonke, ngakho-ke umdlalo wokuqala wohambo olude oluya eNdebeni yoMhlaba.

Izinsuku lapho ama-Aussies ayedumile sesiphelile. Kanjalo nezinsuku lapho ama-Blitzboks abeyizintandokazi seziphelile. Asikwazi ukubikezela nokuqagela ukuthi ubani  ozowina.

Kodwa le mizuzu engu-14 izophinde ibe inkomba enhle yokuthi izinsuku ezingu-113 ezilandelayo zizodlala kanjani.

UNeill Powell ubelokhu engumphathi oncomekayo umqeqeshi nomholi. Ukunqoba noma ukulahlekelwa wenza umsebenzi wakhe ngokuthula nangokuthembeka.

Yize yonke imidlalo nayo yonke imiqhudelwano ibalulekile umfutho ungesinye sezizathu kuphephile ukucabanga ukuthi uPowell uyazi igolide langempela ligqitshwe ngaphansi kwenkundla yaseKapa. 

Umklomelo wangempela wama-Sevens kuseyi-HSBC Rugby World Cup. Kulo nyaka ezoqala mhla ziyisishiyagalolunye kuMandulo eKapa.

Kuphinde kube umqhulwano wokugcina lapho uPowell engumqeqeshi njengoba engene esikhundleni kuma-Sharks ngqo ngemuva kwalokhu. 

Umqhudelwano wase-Toulouse uzoqala ngomdlalo weNingizimu Afrila ibhekene ne-Australia ngehora leshumi nambili ebusuku ngoLwesihlanu.

Umthombo wesithombe: @Blitzboks

Izihloko zakamuva