Uzoqala kulempelasonto owandulela owamanqamu we-Wimbledon

Dylan Bettencourt

Akekho owesifazane wase-Afrika owake waphakamisa isicoco se-Wimbledon kodwa konke lokho kungashintsha uma u-Ons Jabeur ewina kule mpelasonto.

Lo mdlali wase-Tunisia usezifakile ezincwadini zokuqopha umlando ngokuba ngumdlali wokuqala wama-Arab owesilisa noma wesifazane ongene kowandulela owamanqamu we-Wimbledon.

Esekhishwe okokuqala u-Iga Swiatek emqhudelwaneni, uJabeur ube intandokazi ngesikhathi ephakamisa isicoco, uthi uhlela ukunqoba uma esebhekene no-Elena Rybakina wase-Kazakhstan kowamanqamu.

Umdlalo wamanqamu wabesifazane we-Wimbledon uhlelelwe uMgqibelo ngehora lesithathu ntambama kanti owamanqamu wabesilisa uzolandela ngakusasa ngesikhathi esifanayo.

Omphetha bethenisi uNovak Djokovic noRafael Nadal basasele kwabane bokugcina kanti kungenzeka ukuthi bobabili babhekane kwisicoco ngeSonto.

Ukunqoba kukaNadal ngamasethi amahlanu ngoLwesithathu kungase kumlahlekisele ngethuba lokubhekana noDjokovic kowamanqamu.

Lo mdlali wase-Spain udlale waze walimala esiswini wadinga usizo lwezokwelashwa ngesikhathi somdlalo nokudale ukuthi uyise kaNadal awumise lo mdlalo.

UNadal uzodlala noNick Kyrgios ongundabamlonyeni kowandulela owamanqamu ngoLwesihlanu, kodwa akukacaci ukuthi uzodlulela yini phambili ngenxa yokulimala kwakhe.

Yonke imidlalo ye-Wimbledon izobukwa bukhoma kwi-DStv channel 214.

➤ Akukho ukuphumula kubalandeli be-Formula 1 ngemuva  kwesigameko esenzeke kwi-Britaim Grand Prix ngempelasonto edlule njengoba lo mdlalo uzoqhubeka e-Austrialia.

Umjikelezo odumile we-Red Bull Ring okuyikhaya le-Red Bull uzobe unabalandeli abaningi abazothutheleka kulo mjaho bezokweseka uMax Verstappen.

 Impela uzodinga ukwesekwa ngemuva kokuphoxeka kukaSilverstone ophume endaweni yesikhombisa ngesikhathi kulimala imoto.

Yize i-Red Bull ilahlekelwe eminye imidlalo, kodwa inqobe imijaho eyisikhombisa ilandelana kanti lo mjaho wangempelasonto uzodala ukuthi abaningi bakholwe ukuthi bazobuyela emgqeni wokubusa futhi.

I-Australia Grand Prix ihlelelwe ukuqala kuleli Sonto ngehora lesithathu.

➤ Ngemuva kokunqoba kwabo ama-Wales ngempelasonto edlule amaBhokobhoko anethuba lokuvala uchungechunge e-Bloemfontein.

Kodwa ukuba noshintsho kungalimaza elakuleli njengoba ama-Wales ekhombisile ukuthi awazile ukuzodlala ePitoli.

Futhi ngemibiko yokuthi i-Wales izizwa ingahlonishwa ngabadlali bamaBhokobhoko kungenzeke idlale ngokuzimisela okukhulu.

Kunezimo ezimbili kuphela, amaBhokobhoko uma ewina azothatha uchungechunge lemidlalo kanti ama-Wales uma ewina azothatha uchungechunge lwemidlalo kwisinqumo somdlalo wokugcina.

Womabili lama qembu azobhekana ngoMgqibelo ngehora lesihlanu ntambama ku-DStv channel 201.

➤ Idili lebhola lombhoxo lamazwe ngamazwe liba khona usuku lonke emhlabeni jikelele ngoMgqibelo. Lindela i-Japan ukuthi yenze kahle uma isiyamukela i-France ngehora lesishiyagalombili ekuseni ngoMgqibelo, kodwa ngemuva kwesonto eledlule, i-Les Bleus izongena egiyeni okuzokwenza i-Brave Blossoms ithwale kanzima uma isibhekene nabo.

I-New Zealand ibifanele ukunqoba ngesonto eledlule, kodwa i-Ireland ibanikeze umjaho onzima ngemali yabo. 

Lo mdlalo uzoqala ngehora lesishiyagalolunye ekuseni. 

Usondele kangakanani u-Eddie Jones ekulahlekelweni umsebenzi? Uma i-England izinikela kwi-Australia ngendlela eyenze ngayo ngesonto eledlule uzobe esethathe elinye igxathu elikhulu ebheke ngasemuva. 

Lo mdlalo uzoqala ngehora leshumi nambili. Kodwa omkhulu wamaBhokobhoko ezobe ebhekane nama-Wales uzoqala ngehora lesihlanu kanti i-Argentina izodlala ne-Scotland ngehora lesishiyagalolunye ebusuku.

Wonke umdlalo webhola lombhoxo wamazwe ngamazwe ungabukwa bukhoma ku-DStv channel 201 no-211 impelasonto yonke.

Izihloko zakamuva