Uzophoqeleka ukuba ayeke ukudlala ibhola umgadli we-Barcelona njengoba enenkinga yenhliziyo

Dylan Bettencourt

Umgadli we-Barcelona uSergio Aguero uzoqinisekisa izindaba zokuthi useyayeka ukudlala ibhola ngesonto elizayo ngemuva kokutholakala ukuthi unesifo senhliziyo emasontweni ambalwa edlule.

U-Aguero oneminyaka engama-33, kudingeke ukuthi aphuthunyiswe esibhedlela ngesikhathi iqembu lakhe lidlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Deportivo Alaves emasontweni amathathu edlule futhi watshelwa ukuthi ubephethwe yinhliziyo ebuhlungu, ukushaya kwenhliziyo okungajwayelekile, futhi wayalelwa ukuthi aphumule izinyanga ezintathu.

Lo mdlali owake wadlalela i-Manchester City kulindeleke ukuthi amemezele ukuthi useyayeka kwezemidlalo esithangamini sabezindaba ngesonto elizayo.

U-Aguero ujoyine i-Spain ngesizini yehlobo futhi ukwazile ukuvela kahlanu ku-Barcelona ngemuva kokulimala okuphazamise amathuba akhe okubuyela enkundleni.

Lo mdlali wase-Argentina ukwazile ukushaya igoli elilodwa kuphela kuleli qembu, igoli alishaye ngomzuzu wokugcina behlulwa ngo 2-1 bedlala ne-Real Madrid kowe-El Clasico.

Akungabazeki ukuthi u-Aguero ungundabazibukwayo we-English Premier League, eshiya iligi yase-England namagoli ayi-181, futhi ungumshayi magoli wesine ohamba phambili emlandweni weligi kanjalo nomshayi magoli wangaphandle ohamba phambili.

Lesi sihlabani se-Manchester City sinezinga elingcono kakhulu lokushaya amagoli kwiligi, sishaya igoli njalo ngomzuzu  we-108 futhi siphethe irekhodi elihlangene lamagoli amaningi emdlalweni owodwa, washaya amagoli amahlanu ngenkathi bebhekene ne-Newcastle United ngonyaka wezi-2015.

U-Aguero futhi uhola indlela ngokwemiklomelo yoMdlali Wenyanga, njengoba enqobe lo mklomelo izikhathi eziyisikhombisa ezahlukene, okwesibili kube uHarry Kane noSteven Gerrard abanqobe imidlalo eyisithupha ngamunye.

Igama elithi “Kun” elivela ehembeni lakhe yisiteketiso sezingane esisuselwe kumlingiswa wopopayi wase-Argentina.

Ukuthatha umhlalaphansi komgadli kuzofika njengezindaba ezimbi kakhulu ku-Barcelona edonsa kanzima ezithola isendaweni yesithupha esicongweni se-La Liga ngokuwina imidlalo emihlanu kuphela emidlalweni yayo yokuqala eyi-13. Ukufika komphathi omusha nowayengumdlali weqembu uXavi kulindeleke ukuthi kuvuselele iqembu futhi kube nenkazimulo yakudala.

Umthombo wesithombe: @Eurosport

Izihloko zakamuva