Uzonikezwa umngcwabo ohloniphekile umfundisi wase-Zim

Joseph Chirume

Umfundisi wase-Zimbabwe uNoah Taguta ohola ibandla  i-Johane Marange Apostolic Church akagcinanga ngokuyala abazalwane abaningi, kodwa igumbi lakhe lokulala belimatasatasa.

UTaguta ushone ngeSonto eneminyaka engu-82 ubudala. Ushiye amakhosikazi angu-25 nezingane ezingu-120.

UTaguta obaziwa njengomuntu  obesondelene kakhulu noMengameli u-Emmerson Mnangagwa uzonikezwa umngcwabo oseqopheleni eliphezulu ohambisana nempilo yakhe emangalisayo.

Uzongcwatshelwa e-Bocha e-Mafararikwa Shrine endaweni ephakeme kakhulu yesonto ehlonishwayo.

Enye yamadodana akhe uPhillip Taguta itshele i-Manica Post ukuthi “umfundisi wethu omkhulu ushone ngeSonto futhi uzongcwatshwa e-Mafararikwa Shrine ngoLwesithathu, ushiye amakhosikazi angu-25 nezingane ezingu-120.”

Okhulumela uhulumeni wase-Zimbabwe uNick Mangwana uqinisekise umngcwabo ngesitatimende esifushane.

“UMengameli uzomnika umngcwabo oseqopheleni eliphezulu. Wathuthukisa imfundo emhlambini wakhe waphinde wakha nezikole. Ubeneminyaka engu-82 ubudala kanti wagcotshwa njengomholi webandla ngonyaka ka-1992.”

UTaguta uzongcwatshwa endaweni engcwele okwashonela kuyo uMemory Machaya owayeneminyaka engu-14 ngemuva kokubeletha ngoNtulikazi nyakenye. 

Le ntombazanyana umndeni wayo obungamalungu e-Apostolic Church iphoqeleke ukuthi iyeke isikole iyoshada nekhehla elibizwa ngo-Evans Momberume. Wangcwatshwa  ngokushesha ukuze bafihle ihlazo.

Indaba kaMachaya yavusa intukuthelo ezweni lonke nangale kwalo. Kwaphinde kwavala imikhuba emibi yesonto.

Kwatholakala ukuthi ibandla likhuthaza isithembu nokushadisa izingane. Ibandla liphinde linqabele amalungu ukuthi asebenzise imithi nokwelashwa esibhedlela. Iningi lamalungu ebandla libelethela emakhaya lisizwa ngabadala bebandla.

Izingane azivunyelwe ukuqhubeka nemfundo ephakeme.

UMudiwa Chirwa ilunga lomphakathi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi “akukho abangakwenza ebandleni ngoba uMengameli uMnangagwa usekelwa ngamabandla amaningi ezweni.

Ubanika umhlaba mahhala ukuze abaholi bamabandla baphoqe abazalwane babo ukuthi bavotele iqembu le-ZANU PF.” 

Izihloko zakamuva