Uzonandisa kowamanqamu we-Uefa uBurna boy

Lubhalwe nguJide Alaka

Umculi we-Afrobeat uBurna Boy uzocula kumqhudelwano webhola i-Uefa Champions League.

Lesi sihlabani sase-Afrika sizocula kuqala ngaphambi komdlalo wamanqamu enkundleni yase-Atatürk Olympic e-Istanbul mhla ziyishumi kuNhlangulana.

Ngokwesizindalwazi se-Uefa, “Umculi owine i-Grammy Award futhi odayisa i-platinum kaningi, ongumbhali wamaculo kanye nomdidiyeli uBurna Boy uzoba sematheni emdlalweni  wamanqamu ka-2023 we-Uefa Champions League exhaswe u-Pepsi®, enkundleni yase-Atatürk Olympic e-Istanbul ngo-2023 ngoMgqibelo mhla ziyishumi kuNhlangulana.”

Ukuqhathwa kwemidlalo yama-quarter-final kanye neyandulela kowamanqamu phakathi kwe-Manchester City, i-Chelsea, i-Napoli, i-Inter Milan, i-AC Milan, i-Benfica, i-Real Madrid, ne-Bayern Munich kuzoba ngomhlaka-17 kuNhlangulana e-Nyon.

Akukhona okokuqala kuvelela owase-Nigeria, nababa  sematheni emdlalweni we-NBA All-Star Game ka-2023 uTems noRema.

“Njengomlandeli omkhulu webhola ngokwami, ngiyazi ukuthi ayinkulu kune-Uefa Champions League! Yingakho ngijabule kakhulu ngokucula esiteji se-Pepsi kowamanqamu walo nyaka,” kusho uBurna Boy kwisizindalwazi se-Uefa.

“Umculo nebhola kuyahambisana, ngakho-ke uyazi ukuthi ngizobe ngiletha injabulo yodwa e-Istanbul. Umhlaba awukakulungeli lokho esikuphathele khona!”

Nakuba amaqembu amabili azodlala kowamanqamu engakaqinisekiswa, ukubonakala kukaBurna Boy okunye okumele sikulindele ngamehlo abomvu.

“Umdlalo wamanqamu we-Uefa Champions League usuku oluvelele ekhalendeni lebhola lezinyawo, futhi i-Pepsi uyaziqhenya ngokulanda lo mculo ozoletha injabulo ngosuku olubaluleke kangaka,” kusho uGustavo Reyna, umqondisi omkhulu wakwa-Pepsi kwezokumaketha emhlabeni jikelele.

“Umdlalo osanda kuqanjwa ngokuthi ‘Kick Off Show by Pepsi’ uzoba mkhulu kulo nyaka sijabule kakhulu ukwamukela uBurna Boy, njengomunye wabaculi abajabulisa kakhulu emhlabeni, kowamanqamu asisakwazi ukulinda ukubona ukuthi yibaphi abalandeli abakhethiwe ukuthi babonakale njengengxenye yalokhu okuzobe kwenziwa,” kwengeza uReyna.

Isithombe esingenhla: UBurna Boy kowamanqamu we-NBA

Umthombo: twitter

Izihloko zakamuva