Uzonandisa emncimbini wonobuhle uNadia Nakai

Sizwe Sibiya

UNadia Nakai ongomunye  wabesifazane abadumile eMzansi njengomrepha kumemezelwe ukuthi uzobe ejabulisa izibukeli emncimbini ohlonishwayo wonobuhle bakuleli wakulonyaka.

Ukuthandwa komculo kaNakai kwehlile ezinkundleni zokusakaza muva nje.

“Okokuqala ohlwini sinomunye wesifazane ongumrepha oshisa izikhotha kuleli ophinde abe ngumsakazi kumabonakude u-@nadianakai,” kudalula abahleli bomcimbi  ngoLwesibili ngomhlaka-26 kuNtulikazi.

Umcimbi wokugcina uzoba ngomhlaka-13 kuNcwaba e-Sun Arena’s Time Square Casino e-Tshwane.

UNakai ubengundabamlonyeni muva nje ezindabeni ngobudlelwano bakhe obusha nobaba wengane kaDJ Zinhle u-AKA kanti uphinde wakhipha ingoma yakhe enesihloko esithi-Not The Same ehambisana noLucasRaps owayeka isikole. Le ngoma ikhishwe ngoLwesine ngomhlaka-21 kuNtulikazi.

Kodwa le ngoma isabukwe okungenani abantu abangu-4,000 ku-YouTube yize isatshalaliswe i-Warner Music Africa.

Kunalokho impilo yakhe enakwe kakhulu.

NgeSonto ngomhlaka-24 kuNtulikazi lo mrepha umemezele ukuthi uthenge umuzi omusha futhi lokho kuphinde kwamenza waba ngundabamlonyeni.

“Ngiphethe okhiye bami bendlu entsha! Ngingumnikazi womuzi ngokusemthethweni!! Ngyambonga uNkulunkulu!”

NgoMsombuluko uphinde waba ngundabamlonyeni ngesikhathi etshela i-SowetanLive ukuthi usekulungele ukuba nezingane no-AKA.

“Ngiyambona ukuthi ungubaba onjani enganeni yakhe futhi ngiyafisa ukuba nezingane zakhe ngelinye ilanga,” kusho lo mrepha engxoxweni.

Khonamanjalo uDJ Zinhle ongumama wengane ka-AKA onengane futhi nomculi uDJ Murdah Bongz oyingxenye yeqembu iBlack Motion, kuthiwa wahlukana no-AKA ngo-2020, kodwa bayezwana noNadia. 

“Angazi ukuthi kungani abantu belindele ukuthi sizondane,” kusho uNakai. UDJ Zinhle ungumama kaKairo futhi ngiyakuhlonipha lokho kanye nobungane bethu. Abantu bayathanda ukubona abantu besifazane bezondana ngaphandle kwesizathu,” utshele i-SowetanLive.

Umthombo wesithombe: Instagram

Izihloko zakamuva