Sizwe Sibiya
Noma kukhona amahemuhemu okuthi akumhambeli kahle ngokwezimali nangesimo sempilo, kodwa uZola 7 usabakhathalela abantu njengoba ethathe imali yakhe wanikela ngezicathulo ezingu-5,000 ezinganeni zesikole ezihlwempu ezindaweni zasemakhaya KwaZulu Natali.
UZola 7, ogama lakhe langempela nguBonginkosi Dlamini, ukhuthaze abalandeli bakhe ku-Facebook ukuthi bahlanganyele naye ekunikeleni ngezicathulo kubafundi abahamba amahora amaningi besuka ezindaweni zasemakhaya begqoke izicathulo ezigugile ukuze bathole imfundo.
“Bengikhuluma noNgqongqoshe owangifonela ngilele ngigula. Wangitshela ukuthi eKZN kunenkampani ebizwa nge-Bata Shoes. Wathi uzimisele ngokunikela ngezicathulo eziningi mahhala,” kusho uZola obekhathazekile, osabanjwe ukugula.
“Uma ngingathola … cishe amapheya angu-5,000 ezicathulo kobe kulungile, kodwa kuzofanele ngivuke kulo mbhede kuqala. Ubusika buyeza.”
UZola 7 ufanise isimo sabafundi samanje nesakhe esakhula.
“Lezi zingane ziphila impilo engayiphila ngonyaka ka-1986 ngihlala eKZN.”
USisanda Qwabe-Coutaud owazana noZola 7 iminyaka engu-17, udalule kulo msakazo ukuthi usevule umkhankaso we-Go Fund Me wokuqoqa imali yokukhokhela izikweletu zikaZola 7 esibhedlela.
Ngonyaka odlule, uZola 7 wakhuluma ngesimo sakhe sokuwa kuMacG’s Podcast and Chill. Uthe wacishe wafa ngesikhathi ehlaselwa isifo sokuwa eshayela imoto.
“I-go fund izobe ibhekelela izindleko zakhe zansuku zonke kanye nokunye, ngoba izindleko zakhe zezokwelashwa zikhuphuke kakhulu,” kusho uSisanda ongumphathi we-Black Excellence Network.
Umthombo wesithombe: @jamazola7