Lubhalwe nguKhaya Ndaba
I-Afrika ne-Europe izohlangana ngenxa kaKamohelo Khoaripe owaziwa ngelikaMichael Dangerous, oweqa yonke imingcele yomculo ukuze azenzele udumo emhlabeni jikelele.
UKamohelo owakhulela e-Daveyton e-Benoni, wayehlala ezungezwe umsindo we-kwaito kuya kwi-Bacardi, i-House kanye nanoma yimuphi umculo owawuphuma kwi-sound systems elokishini langakubo.
“Umculo bengihlangana nawo kuyo yonke indawo ebengihamba kuyo ekhaya, endaweni yokuwasha izimoto nasemabhishi emigwaqeni nasezindaweni zokucima ukoma empeleni ngingasho ukuthi ubuyingxenge yempilo yami. Bekuhlezi kunomculo ongizungezile,” kusho lo mculi oneminyaka engu-32.
Ohambweni lakhe wahlangana nentombazane enhle yase-Sweden. Baqala ukuthandana futhi wathuthela e-Sweden ngo-2013, lapho aziswa khona ngempilo yasebusuku yase-Scandinavia.
Ngesikhathi ngihlangana noDJ/abakhiqizi bomculo kwakungu-Adrian Lux, uCarli Lof kanye noMans Glaeser. Laba bobathathu bebefuna into entsha epholile abangakwazi ukuyethula endaweni yomdanso.
“Bangingenisa ku-electronic scene. Kwakumangalisa ngoba ngangingazi ukuthi umculo ohlukile wawumkhulu kangakanani, ”kusho lo mculi.
“Ngesikhathi ngiqala ukudlala umculo wakuleli bavele bamangala ilapho esaqala khona ukubambisana.”
Bakha iqembu elibizwa ngokuthi i-Off The Meds noKamohelo owayeyisihlabani somculo wabo kanye nomculi ophambili. Ngo-2017 bakhiphe ingoma yabo yokuqala, ebizwa ngokuthi “Geraas”, eyashisa izikhotha e-Europe, e-Australia kanye nase-South and North America.
Ngokulandelayo bakhiphe i-EP ebizwa ngokuthi Meds Are Kicking In, ngoNhlolanja 2018, elandelwa ingoma ye-hip-house yase-Ethio-jazz ebizwa ngokuthi “Currency Low”.
Ngo-2020, i-albhamu yabo yabenza bathola umklomelo wabo wokuqala we-Swedish “Grammis” we-albhamu ehamba phambili yomdaso/Electro yonyaka.
Kodwa mhlawumbe impumelelo yabo enkulu kuze kube manje ukuthi ingoma yabo ethi “Ekse”, ifakwe kumsindo wefilimu i-Marvel Morbius, ekhishwe nyakenye.
Njengamanje uKamohelo ulungiselela i-albhamu yakhe entsha.
Uthembisa ukuthi izohluka ngokuba-classical, ibe ne-rap nezinsimbi ze-bass speaker, abalandeli bezinhlelo zabo asebekujwayele futhi abakuthandayo.
Isithombe esingenhla: UMichael Dangerous
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe