Kamogelo Muvhenzhe
Kutholakale usana olusanda kuzalwa lulahlwe emgqonyeni kadoti wendlu yangasese endizeni e-Mauritius ngosuku lukaNcibijane.
Kuboshwe owesifazane oneminyaka engu-20 okusolwa ukuthi ubelethele endizeni. Usana luphuthunyiswe esibhedlela sikahulumeni ukuze luthole ukwelashwa. Kanti umsolwa oqale ngokuphika ukuthi usana olwakhe, ube usehlolwa kwaqinisekiswa ukuthi ubesanda kubeletha.
I-BBC ibike ukuthi izikhulu zesikhumulo sezindiza zithole lokhu ngesikhathi zihlola ibhanoyi njengenjwayelo ngemuva kokuba lifike esikhumulweni sezindiza i-Sir Seewoosagur Ramgoolam International Airport, lisuka e-Madagascar.
Owesifazane ugcinwe esesibhedlela kanye nosana lwakhe sekuqinisekisiwe ukuthi baphephile.
Lona wesifazane wase-Madagascar okuthiwa ubefike ephethe imvume yokusebenza iminyaka emibili e-Mauritius, uzobekwa icala lokulahla usana uma esephumile esibhedlela.
Umthombo wesithombe: BBC