Uzojeziswa umdlali okhwife umlandeli ngamathe

Dylan Bettencourt

Isihlabani sethenisi sase-Aussie esingundabamlonyeni u-Nick Kyrgios sithifele amathe sibhekise kumdlandeli odelelayo phakathi nomdlalo wokuvula we-Wimbledon.

Ngesikhathi enqoba amasethi amahlanu ehlula uPaul Jubb wase-Australia ubonakale eshintshana ngamazwi nabalandeli nonompempe.

UKyrgios uthe umlandeli uze emdlalweni wakhe ukuzodelela.”

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi umkhafulele yini ngamathe  obengumlandeli uphendule wathi ‘Nguye ongidelelile? Yebo ngimkhafule ngamathe, kodwa bengingeke ngikwenze lokho kumuntu ongesekayo,” kusho lo mdlali.

“Ngithe ngiqeda ukunqoba umdlalo ngaphendukela kuyena. Sekunesikhathi eside ngibhekene nenzondo nokungaboni ngaso linye ngakho-ke angiboni sengathi ngiyamkweleta lomlandeli.”

Lo wesilisa oneminyaka engu-27 ubudala kulindeleke ukuthi akhokhe inhlawulo ngesenzo sakhe, futhi kungenzeka abhekane nesijeziso ngokubiza amajaji olayini njengezimpimpi.”

UKyrgios ucele ngesikhathi somhlangano ukuthi unompempe akhiphe abantu abathile esixukwini.

“Angiyi emsebenzini wabo uma besebenza ngifike ngishaye izandla ngithwebule izithombe angithi?” kusho lo mdlali.

UKyrgios uthi uke wahlukunyezwa abalandeli emiqhudelwaneni edlule echaza ukuthi obekungenzeki e-Wimbledon, kuya ngokuya kuyenzeka.

“Ngiyawuthanda lo mqhudelwano kanti lokhu akuhlangene ne-Wimbledon.”

“Ngicabanga nje ukuthi isizukulwane  sabantu ezinkundleni zokuxhumana esinomuzwa wokuthi sinelungelo lokuphawula ngayo yonke into enombono ongemuhle okugcina sekuphumela obala.”

UKyrgios wengeze ngokuthi noma bekungekho ukuhlukumeza ngokobuhlanga, kodwa abalandeli bayakwazi ukujikijela abadlali ngezinto enkundleni.

Umthombo wesithombe: @TheSun

Izihloko zakamuva