Uzohambela amazwe umculi odalule ukuthi useluleme

Sizwe Sibiya

Iseza nakuleli i-Justice World Tour kaJustin Bieber.

Izingoma zalo mculi zahoxiswa ngemuva kokuthi kutholakale ukuthi unesifo esiphazamisa imizwa kanye nomgogodla ngoNhlangulana. I-Ramsay Hunt Syndrome obekuyisifo ebesimpethe besimenza angakwazi ukuzizwa ingxenye yobuso bakhe.

“Ngenze konke ukuze ngibe ngcono kodwa ukugula kwami kuya ngokuba nzima. Inhliziyo yami ibuhlungu ukuthi kuzomele ngihlehlise lezi zinhlelo ezilandelayo,” kubhala uBieber ngaphambi kokukhipha ividiyo ku-Instagram ewubufakazi bokugula kwakhe.

Kodwa ngemuva kokuhlehlisa iningi lezinhlelo zakhe zikaNhlangulana noNtulikazi lo mculi oshisa izikhotha owakhipha ingoma ethi-Baby usememezele ukuthi usekulungele ukuqhubeka nezinhlelo zakhe ezihleliwe, kusukela ngomhlaka-31 kuNtulikazi e-Italy.

“UJustin Bieber umemezele namuhla ukuthi i-Justice World Tour izoqala kabusha e-Lucca Festival kusho isitatimende esikhishwe ikhasi lakhe le-Instagram le-Justice Tour ngoLwesibili.

“UJustin uzoqala uhambo lwase-Europe aqhubeke nokuvakashela eMelika, elakuleli, i-Middle East , i-Asia, i-Australia nase-New Zealand, bese ebuyela e-Europe ngo-2023.”

Lo mculi onezingoma ezishisa izikhotha ezifana nethi-Peaches ayicula noGiveon noDaniel Caesar, uzobonwa bukhoma ngabalandeli bakhe eMzansi  enkundleni i-DHL eKapa ngomhlaka-28 ngoMandulo nasenkundleni i-FNB eGoli mhla zizinye kuMfumfu. 

Izihloko zakamuva