Uzogijima ogwadule ofuna ukusiza izingane ezihlwempu

Thathe Msimango

Isihlabani sakuleli uNontuthuko Mgabhi ugijima umjaho we-Ultra Bolivia ukuze aqoqe imali yezingane zesikole ezingakwazi ukuthenga izicathulo.

Lo mjaho onzima ka-220km uhlukene izigaba eziyisikhombisa, uqale ngoMsombuluko ngomhlaka-19 kuMandulo uzophela ngomhlaka-25.

Inhloso enkulu kaMgabhi ukuthi ikhilomitha ngalinye aligijimayo ogwadule lase-South America lizoqoqa imali eyanele ukuthenga isicathulo esisodwa futhi uhlose ukufeza inhloso yokuhlinzeka izingane ezingu-220 izicathulo.

Imali anethemba lokuyihlanganisa ingu-R50 000 abona sengathi yanele ukwenza umehluko ezimpilweni zezingane ezihlwempu.

Akukhona okokuqala uMgabhi egijimela okuhle. Uqophe umlando ngokuba ngowokuqala wesifazane wakuleli ukugijima ama-marathon ayisikhombisa emazweni ayisikhombisa ezinsukwini eziyisikhombisa zilandelana.

Ukwazile ukuqoqa u-R1,6 million ukuze akhe amagumbi okufundela amahlanu, igumbi elilodwa lokuphatha kanye nokulungisa amanye amagumbi okufundela esikoleni samabanga aphansi e-Khuzimpi okuyindawo yangakubo eMtubatuba ngase-Richards Bay.

“Sengiqoqe imali engaphezu kuka-R10 000 kuze kube manje nge-BackABuddy ukuze ngifeze iphupho.”

“Sizogijima izinsuku eziyisikhombisa sithwele zonke izingubo zethu nokudla njengoba le ndawo ifana nogwadule. 

Ayikho indawo yokugeza noma yokuthenga ukudla,” kusho uMgabhi ngesikhathi ehamba.

UMgabhi uthe uzoyiphinda kabili imali azoyiqoqa.

“Uma ngikwazi ukuhlanganisa u-R50 000 ngamapheya angu-220 ezicathulo ngizobe senginikela ngo-R50 000 ukuze sibe namapheya angu-440 ezicathulo zesikole zezingane ezingu-440 eziswele.”

Lo msubathi oneminyaka engu-35 ubudala ophuma eqenjini eligijimayo i-Murray & Roberts useke wagijima ogwadule ngesikhathi egijima i-Marathon des Sables e-Morocco ngoMfumfu nyakenye.

Lowo mjaho ubukhona ngaphansi kwesimo sezulu esishisayo esiholele ekutheni ababili abebewungenele bashone.

Izihloko zakamuva