Uzogijima kuleli umsubathi ophethe irekhodi lomhlaba 

Lubhalwe nguThathe Msimango

Umsubathi ophethe irekhodi lomhlaba uYalemzerf Yehualaw uzogqama kuleli njengoba elungiselela umjaho waseThekwini ka-10 km.

Umjaho oyingxenye yochungechunge oludumile lwe-Run Your City Series, uthembise ukuletha umqhudelwano oseduze njengoba uYehualaw ophethe irekhodi lomhlaba njengamanje ejoyina abasubathi abasezingeni eliphezulu abazongenela umjaho obalulekile mhla ziyisishiyagalolunye kuNtulikazi.

Umjaho ka-10 km waseThekwini waziwa ngokuthwala abasubathi abasezingeni eliphezulu abafana noJoshua Cheptegei ozakhele irekhodi ngo-2018 eqeda ngesikhathi esimangalisayo esingu-27:16.

Imijaho edlule iphinde yaheha abagijimi abasezingeni eliphezulu abafana noCheptegei noJulian Wanders ophethe irekhodi lase-Europe lika-10 km.

UYehualaw, owaba sematheni ngokuqopha irekhodi lomhlaba elingu-29:14 e-Spain ngomhlaka-27 kuNhlolanja nyakenye usondele ekutholeni irekhodi lakhe kulo nyaka e-Valencia, eqeda ngesikhathi esincomekayo esingu-29:19.

Ukuba khona kwakhe emjahweni waseThekwini kuzokwenza lo mqhudelwano ufinyelele ezingeni elingakaze libonwe.

UMichael Meyer ongumsunguli we-Run Your City Series ukujabulele ukubamba iqhaza kukaYehualaw, wathi lo mjaho uzoba nomthelela omkhulu kulo mcimbi nakwezemidlalo yakuleli.

“Lezi izindaba ezinhle kakhulu kulolu chungechunge nakwi-SA road running,” kusho uMeyer.

“Abathandi balo mjaho bazobona umsubathi wesifazane ohamba phambili emhlabeni wonke eThekwini. Asisakwazi ukulinda ukwamukela uYalemzerf ozoqopha umlando.”

Ukugijima kukaYehualaw sekumenze waba nohlu lwezicoco okubalwa ukunqoba ku-London Marathon nyakenye kanye nokuphuma endaweni yesithathu ku-2020 World Half Marathon Championships.

Uphinde wabamba isikhathi sesibili esisheshayo esake saqoshwa ebangeni lika-21 km, waqeda ngo-63:51.

Isithombe esingenhla: UYalemzerf Yehualaw

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva