Uzogawula abheke usomahlaya kuma Grammy Awards

Sizwe Sibiya

Kubikwa ukuthi angase aqinise ezokuphepha kuma-64th grammy Awards uTrevor Noah. 

UTrevor Nowa uzoba ngumsingathi wama-Grammy mhla zintathu kuMbasa, kodwa  njengosomahlaya kubukeka sengathi naye kumele aqaphele amahlaya akhe ngenxa yento eyenziwe uWill Smith esiteji. 

Ngemuva kokubona uChris Rock eshaywa ngempama nguSmith kuma-Oscars, uNoah usaba into efanayo njengoba kuzobe kukhona uKanye West. Lo somahlaya waseNingizimu Afrika kungekudala ubengundabamlonyeni ku-Twitter ngenkathi esusana nomculi we-hip-hop.

UWest kubikwa ukuthi unqatshelwe ukucula kuma-Grammy Awards ngemuva kokuthuka uNoah ngenhlamba ku-Twitter.

UWest ubephendula ukuphawula kukaNoah mayelana nokuziphatha kwakhe kwakamuva kunkosikazi wakhe wakudala uKim Kardashian nesoka lakhe elisha uPete Davidson.

Yize engeke akwazi ukucula embukisweni wezindondo, kodwa kungenzeka ukuthi uWest usazowuhambela lo mcimbi njengoba eqokelwe izindondo eziyisikhombisa, okuhlanganisa ne-albhamu yakhe yonyaka ebizwa nge-Donda.

Njengoba uKanye engusaziwayo, kungenzeka ahlale phambili – okungaba ingozi kwisitha sakhe esisha.

UNoah, ongumethuli wohlelo i-The Daily Show, uzobe engumsingathi wama- 64th Grammy Awards, ngemuva kwempumelelo yakhe yanyakenye.

Umthombo wesithombe: Twitter

Scrolla World Cup Quiz