UZodwa wabantu unqatshelwe ukuyodansa e-Malawi

Sizwe Sibiya

Usaziwayo odume ngokudansa enqunu uZodwa Wabantu unqatshelwe ukunikwa imvume yokudansa emcimbini we-Winter Amapiano Vibes ngoLwesihlanu mhla ziyishumi kuNhlangulana ehhotela i-Dominics e-Blantyre e-Malawi.

“Ngithanda ukunazisa ukuthi lo Mnyango webhodi i-Censorship uthole isicelo sokuvumela uZodwa Wabantu ukuthi afike kwi-Winter Amapiano vibes,” ngokubhalwe encwadini evela ehhovisi likaChaurley Simwaka, uNobhala woMnyango Wezokuvakasha, Amasiko, Nezilwane Zasendle e-Malawi.

Encwadini uSimwaka uveze uhlu lwezinto uZodwa Wabantu azozenza okuyizinto ibhodi le-Censorship elizibona njengento eyehlisa isithunzi okuhlanganisa nokudansa kwakhe enqunu.”

“Mayelana nesicelo sithanda ukunazisa ukuthi lo Mnyango awumgunyazi uZodwa ukuthi afike azodansa e-Malawi,” kufundeka incwadi ebiqondiswe kuNobhala Wezokuphepha Kwasekhaya e-Lilongwe ngoMsombuluko mhla ziyisithupha kuNhlangulana. 

UZodwa Wabantu odabuka e-Soweto wagqama kakhulu ngemuva kokuvela kancane kumavidiyo amafushane Eyadini Lounge eMlazi, eThekwini ngaphambi kokuthi abonwe nguDJ Tira. Izindawo zokucisha ukoma zasebusuku kwesinye isikhathi zibhukha lo mdansi ukuze  nabanye abaculi abaqavile kuleli nangaphesheya komngcele.

Ngendlela abalandeli bakhe abamthanda ngayo, kodwa abantu nezinhlangano ezifana ne-Malawi Ministry for Tourism, Culture, and Wildlife babona izenzo zakhe ziveza isithombe esimbi ngaye. 

Khonamanjalo usefake iphosta ekhombisa ngaphezu kwesithombe sakhe abanye abaculi abaningi abazobe becula kwi-Winter Amapiano Vibes.

“I-Malawi MW ayijabule,” kufundeka iphosta eyabiwe kwi-akhawunti yakhe ye-Instagram enabalandeli abangaphezu kwezigidi ezimbili.

Phambilini i-Zimbabwe ne-Zambia nayo yamnqabela ukuthi anandise emazweni abo. 

Izihloko zakamuva