Lubhalwe nguRorisang Modiba
Umdansi ophinde anandise uZodwa Wabantu uvamise ukugxekwa ngempilo yakhe yothando, kodwa ujabulile ngobudlelwano bakhe obusha.
UZodwa odume ngokujola noBen 10s, usanda kuthumela izithombe ku-Instagram nesoka lakhe elisha, kodwa efihle ubuso.
Kulo mbhalo uZodwa ukhulume ngendlela ajabule ngayo nesithandwa sakhe esisha wathi usazoqhubeka nokugxila enjabulweni yakhe, kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani ebudlelwaneni bakhe bakudala.
Ngasekuqaleni kukaNtulikazi, abalandeli baphoxekile ngesikhathi uZodwa engafiki emcimbini waseJoe’s Palace eLangaville, eKurhuleni.
Umnikazi weJoe’s Palace, uNtombi Zitha, uthe babhukhe uZodwa ekuqaleni kukaNhlangulana.
Imenenja yakhe yacela u-R7 000 yacela ne-platter yokudla, amabhodlela amabili e-whisky kanye nezokuphepha.
Ngemva kokuba iJoe’s Palace isikhokhe imali, uZodwa wafuna ukukhokhelwa imali ephelele, wabe esekhokhelwa ngokushesha. Abalandeli balinda isikhathi eside ngobusuku obubandayo, kodwa akazange afike.
Osesithombeni esingenhla: UZodwa Wabantu.
Umthombo: Instagram