Uzodonsa emihlanu umshushisi othweswe elenkohlakalo

Umshushisi ophelelwe umsebenzi njengamanje udonsa iminyaka emihlanu ejele ngokufuna ukugwazelwa ngo-R1,500 umshayeli ophuzile.

UGuesta Rhulani Maboela, obesebenza esifundeni sase-Seshego ugwetshwe iNkantolo yeMantshi yase-Seshego ngecala lenkohlakalo. 

Ngokombiko we-Directorate for Priority Crime Investigation, lowo owayengumshushisi wafuna intshontsho kumshayeli owayeboshelwe ukushayela ephuze utshwala. Uthembise ukuthi uzowahoxisa amacala abekwe wona uma emkhokhela imali.

Kodwa zimshele umshushisi owayenza inkohlakalo ngesikhathi lo mshayeli okuthiwa ubephuzile ebikela oKlebe be-Serious Corruption Investigation ngesigameko. UMaboela uboshwe lapho ayesebenzela khona, uphenyo lwaveza ukuthi ngempela ulihoxisile icala lokushayela ephuzile njengoba ayethembisile.

INkantolo yamacala ezohwebo e-Polokwane yamthola enecala uMaboela mhla ziyisishiyagalombuli kuLwezi nyakenye, kodwa waqhubeka nebheyili waze wagcina egwetshiwe ngoLwesihlanu.

Lo mshushisi ubezitshela ukuthi uzophumelela ezindleleni zakhe zokonakala, kodwa usevune akutshalile.

Isifundo esisithola lapha sicacile ubugebengu abukhokheli! 

Luhlanganiswe nguZukile Majova

Izihloko zakamuva