Dylan Bettencourt
Umbutho wamasosha ase-Sudan uzobuyisela uNdunankulu owaxoshwa u-Abdalla Hamdok esikhundleni sakhe njengengxenye yesivumelwano esisha ngemuva kokuboshwa kwakhe ngesikhathi kuketulwa umbuso ngenyanga edlule.
Isivumelwano esisha phakathi kwamasosha, abaholi bezakhamuzi kanye nababengamavukelambuso sizokwenza ukuthi bonke abathunjwa bezombusazwe bakhululwe, kumemezela abaxazululi.
Izwe libe nezinxushunxushu ekupheleni kukaNcwaba ngenkathi i-Sudan imemezela isimo esiphuthumayo futhi yahlakaza ubuholi bayo bomphakathi. Lokhu kudale imibhikisho ethathe amasonto amaningi lapho okushone khona abantu abangama-40.
Isivumelwano sokudedelwa kowayenguNdunankulu kuvunyelwane ngaso ngoMgqibelo ebusuku kanti sizosayinwa umphathi we-Umma Party, uFadlallah Burma Nasir.
“Kufanele ngiqale ngokuthi izwe lethu ligadiwe futhi ligcinwe uNkulunkulu futhi noma yini esifinyelela kuyo ekugcineni, abantu bakithi base-Sudan bangakwazi ukubuyisela izwe lethu endleleni,” kusho uHamdok.
Ihhovisi likaHamdok lithe yonke imikhawulo yokungena nokuphuma lapho ehlala khona isusiwe kanti abezokuphepha ngaphandle komuzi wakhe sebehambile, ngokusho kwe-AFP.
Iqeqebana labaxazululi elihlanganisa izifundiswa, izintatheli nosopolitiki lidalule esitatimendeni ukuthi imithetho eyengamele ukuguqukela kwintando yeningi izobuyiselwa ngaphansi kwesivumelwano esisha samaphuzu ayi-14.
NgoNcwaba ngonyaka wezi-2019, amasosha ase-Sudan kanye neqembu le-Forces Freedom and Change (i-FFC) babumba umfelandawonye wamaqembu anabantu abazophatha izwe ngemuva kokuketulwa komholi wesikhathi eside u-Omar al-Bashir kulandela imibhikisho emikhulu.
Lo mfelandawonye wabhidlika ngenyanga edlule ngenkathi umholi wamasosha ujenene u-Abdel Fattah al-Burhan, esusa isandla sikahulumeni waqala ukubopha abaholi beqembu.
Lo mholi bekumele ehle esikhundleni sakhe, kodwa isakhamuzi esikhethwe yiqembu le-FCC bekumele abe ngumphathi wezwe.
U-Al-Burhan ugqugquzele ukuketulwa kwamasosha ngenhloso yokuvimbela impi yombango njengoba ethi amaqembu ezepolitiki adala udlame phakathi kombutho wezokuvikela kanye namaqembu anabantu bendawo.
Umthombo wesithombe: @SudanPMHamdok