Everson Luhanga
Olahlwe amacala okubulala uRosemary Ndlovu uzobuyela eNkantolo yeMantshi yase-Kempton Park ngomhlaka-20 kuMbasa ukuze abhekane namacala amasha okwakha itulo lokubulala.
Lowo owayeyiphoyisa osebizwa ngombulali womshwalense, ugwetshwe odilikajele abaningi ngokubulala izihlobo zakhe ezinhlanu kanye nesithandwa sakhe ngoba befuna imali yomshwalense.
UNdlovu waboshwa uphiko lobugebengu obuhleliwe esifundazweni mhla ziyisikhombisa kuNdasa ngonyaka ka-2019.
UNdlovu usolwa ngokwakha itulo lokubulala uMnu Benneth Mabunda owayephenya amacala akhe nomphathi wakhe uColonel uNthipe Boloka.
Lolu hlelo ludalulwe nguColonel uBoloka osengumphathi siteshi esiteshini samaphoyisa uRosemary ayesebenzela kuso e-Tembisa e-Ekurhuleni.
UNdlovu usejele kusukela aboshwa ngo-2018.
UNdlovu ungomunye wabasolwa kwelinye icala elithinta owayeyiphoyisa lase-Norkem Park, uNomsa Mudau, owaboshelwa itulo lokubulala umyeni wakhe uJustice Tshifwa Mudau.
Umbiko wokubuyela kukaRosemary eNkantolo ufinyelele ezindlebeni zikaMudau othe uselinde ukuzwa ukuthi amaphoyisa azolibeka nini icala lowayengunkosikazi wakhe ohlwini.
UMudau utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uthole ucingo oluvela kumphenyi uMabunda ngoLwesine ethi ufuna ukumbona ehhovisi lakhe esiteshini samaphoyisa e-Olifantsfontein.
URosemary kusolwa ukuthi waxhumanisa uNomsa nezigebengu futhi wamsiza ukuba akhe isu lokubulala umyeni wakhe ngaleso sikhathi.
Icebo bekuwukudubula uMudau emzini wakhe.
Lezi zinkabi zesilisa kusayizona lezi uNdlovu aziqasha ukuthi zibulale udadewabo uJoyce Ndlovu kanye nezingane zakhe ezinhlanu e-Bushbuckridge e-Mpumalanga.
Esikhundleni sokwenza leli tulo, lezi zinkabi zathungatha omunye wabangane bakaMudau bamtshela ukuthi axwayise uMudau ngokubulawa okwakuhleliwe ukuthi kwenzeke ngomhlaka-28 kuNhlolanja ngo-2018.