Uzobhadla ejele owantshontsha inyama yengulube

Dylan Bettencourt

Owesilisa ugwetshwe unyaka owodwa ebhadla ejele ngenxa yokuhluleka ukuzibamba ekutheni antshontshe inyama yengulube engu-7 000 ebiza u-R8 million.

Isisebenzi sitholwe sinecala lokuqola abaqashi baso ngemuva kokuntshontsha inyama esitolo lapho ebesisebenza khona ngokusho kwe-The Guardian.

Kuthiwa lo msebenzi ubedayisa izinyama esebenzisa i-messenger ukuze ahambise inyama kumakhasimende akhe.

Inyama yengulube evame ukubizwa ngokuthi i-presunto inyama eyomile esuka ezifundeni zase-Portugal, e-Italy nase-Spain.

Unkosikazi wakhe naye ulahlwe icala.

Lo msebenzi weba inyama yengulube iminyaka eyisithupha kusukela ngo-2007 kuya ku-2013.

Indawo yokugcina impahla izinze esifundeni esiseningizimu ye-Spain e-Huelva indawo eyenza i-jamon de jabugo inyama yengulube engathengiswa ngaphezu kuka-R8,200.

Isigwebo sakhe sehlisiwe saba izinyanga ezingu-11 nezinsuku ezingu-29 kusukela ekugwetshweni iminyaka eyisithupha.

Ngaphandle kwesigwebo umsolwa nonkosikazi wakhe sekumele babuyisele imali engu-R8.6 million esitolo abantshontshe kuso.

Inyama eyebiwe iphakathi kwezindawo ezibiza kakhulu emhlabeni njengoba ezinye izindawo zokudlela ziyidayisa ngo-R500 ngamagremu angu-28 enyama.

Isidlo esinosawoti esinedumela lokumba eqolo sisetshenziswa uma kunemibuthano noma imcimbi yabangani nemndeni.

Umthombo wesithombe: @Flickr

Izihloko zakamuva