Uzithintele iziqandu usaziwayo ephawula ngokusetshenziswa kwesibhunu

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Ukubalwa kwabantu kuka-2019 kwa-StatsSA kubonise ukuthi cishe u-12.2% wabantu bakuleli abakhuluma ulimi lwesiBhunu, kodwa umlingisi owine indondo ye-Oscar uCharlize Theron ucabanga okuhlukile.

Ukubalwa kwabantu kuveze ukuthi ingxenye yesithathu (77.4%) yamakhaladi ikhuluma isiBhunu emakhaya, kanti abangaphezu kuka-61,2% abamhlophe nabo bayakwenza.

Kodwa ngokusho kukaTheron bangu-44 kuphela abantu abakhuluma lolu limi.

Uphinde wathi ngesikhathi ekuleli wayengasazi isiNgisi ngoba abantu bangakubo bonke bakhuluma ulimi lwesiBhunu.

Ohlelweni lwe-podcast isihlabani sase-Italian Job sithe sithola isiBhunu siwulimi olufayo nolungasizi ngalutho.

Lokhu kuthukuthelise umphakathi okhuluma isiBhunu e-Namibia nakuleli.

Kodwa-ke akekho ocasuke ukwedlula iqembu lamaBhunu i-AfriForum.

Umphathi wezamasiko we-AfriForum u-Alana Bailey uthe uTheron akanaso isiqiniseko ngenkulumo yakhe. Bangaphezu kuka-6 million abantu bakuleli abakhuluma isiBhunu.”

“Ngingasho ukuthi eminyakeni ezayo baningi abazobe bekhuluma ulimi lwesiBhunu. Akukhulunya ngelakuleli kuphela kodwa nase-Botswana ,” kusho yena.

Ababaningi abantu abakhuluma ulimi lwesiBhunu, kodwa eminyakeni ezayo sizobe sesigcwele umhlaba wonke.

UZel Barnes wase-Eersterust e-Tshwane uthe unezihlobo ezingaphezu kuka-50 futhi zonke zikhuluma isiBhunu.

“Ngicabanga ukuthi udumo selufinyelele ekhanda lakhe. Kumele sikwamukele ukuthi akaseyona intombazane yethu yase-Benoni usengowaseMelika,”

Isithombe esingenhla esomlingisi wakuleli uCharlize Theron nomama wakhe uGerda

Umthombo wesithombe: @CharlizeTheron

Izihloko zakamuva