
Everson Luhanga
NgoMsombuluko uLawrence Dube ubelibangise endlini yangasese ngemuva kokuphuza imbiza yokuhlambulula isisu.
Ephethe umuthi wakhe ngojeke, uLawrence uye ehlathini eliseduze kwezimayini ezingasasebenzi e-Dobsonville, e-Soweto.
Ngesikhathi ekhetha indawo azoyisebenzisa, uLawrence uthe uzithele phezu kwesidumbu ebesesiqala ukubola sowesilisa obenembobo yenhlamvu ekhanda.
ULawrence obethukile uye waphindela elokishini lapho afike wabikela umholi womphakathi uJoel “Mjay” Mabaso ngisidumbu asitholile.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, uLawrence uthe kube nempi enkulu phakathi koZamazama ezinsukwini ezinhlanu ezedlule kanti ucabanga ukuthi isidumbu esowesilisa olahlwe laphayana ngemuva kokubulawa kuliwa.
“Kungenzeka ukuthi lo mlisa ubulawelwe ndawana thize wase elahlwa laphayana.
“Sekuphele izinyanga manje ozamazama belwela indawo nokuthi ngubani okufanele alande imali ekhokhwa konogada abagadayo uma bengaphansi komhlaba,” esho.
Umholi womphakathi uMabaso uthe akusona isidumbu sokuqala lesi esitholakala kule ndawo. “Cishe masonto onke kubulawa abantu.”
Uthe umphakathi ugcwele izibhamu abantu ababulalana ngazo.
UMabaso uthe umphakathi wase-Dobsonville usuhlalele ovalweni ngenxa yoZamazama. “Nsuku zonke sizwa ukuqhuma kwezibhamu emphakathini wethu.”
Kunomkhuba wokuthi abantu baphume ngesikhathi esithile bavele badubule emoyeni.
NgoLwesibili kuphinde kwaba nempi yezibhamu phakathi kwamaqembu amabili oZamazama.
Amalungu omphakathi athi la madoda abelwela indawo. Abekho okwabikwa ukuthi bashonile ngalobo busuku.
Amaphoyisa abehambele indawo yesigameko athe avule idokodo lophenyo.