Uzisola yena umqeqeshi weCity ngokungenzi kahle kweqembu ku-derby 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

  • UPep Guardiola uzithwese yena icala ngefomu embi ye-Manchester City ngemuva kokwehlulwa kwabo ngo-2-1 yi-Manchester United, wavuma ukuthi akakwazi ukuthola izisombululo.

  • Ukuhlulwa okushaqisayo kwe-City kuyaqhubeka njengoba besawine umdlalo owodwa kuphela emidlalweni engu-11, okubenza basalele emuva ngamaphuzu ayisishiyagalolunye ku-Liverpool ngaphambi komdlalo wangoMgqibelo ne-Aston Villa.

UPep Guardiola uzithwese icala ngokuhlulwa kwe-City ku-Manchester Derby ibhekene ne-United ngeSonto. 

Ama-Red Devils ashaye amagoli amabili sekuhambe isikhathi ukuze anqobe ngo 2-1 e-Etihad njengoba ifomu embi ye-Citizens ibiqhubeka ngendlela eshaqisayo.

“Akukho engingavika ngakho, ngingumphathi, ngiyimenenja ngakho-ke, kumele ngithole isixazululo kodwa ngebhadi angisitholi,” kusho uGuardiola.

I-Manchester City isawine umdlalo wayo owodwa kuphela kwengu-11 kuwo wonke umqhudelwano kanti manje ihlezi ngaphandle emaqenjini amane ahamba phambili ohlwini lweligi, ngamaphuzu ayisishiyagalolunye ngemuva kwabasesicongweni i-Liverpool esasalelwe umdlalo. 

Naphezu kwezinkinga ebezingadala ukuhlulwa, uGuardiola akafunanga ukusola ukulimala kanye nesimo somsebenzi esinzima. Kunalokho, uzithwese yena icala ngomphumela kanye nefomu yeqembu. 

“Iqembu elikhulu leli, uma uhlulwa emdlalweni eyisishiyagalombili kweyishumi nanye, kukhona okungahambi kahle, ngakho kumele ngithini? Ngisole urmsebenzi onzima noma abadlali abalimele? Cha angivumi.

“Yimina umphathi futhi ngiyimenenja okusho ukuthi lo msebenzi uyangehlula. Kulula kanjalo.

“Ngihlezi lapha esithangamini sabezindaba ngenxa yento esake sayenza phambilini, bengazi ukuthi kuzoba isizini enzima, kwasekuqaleni ngasho kaningi futhi ngisho sisawina imidlalo.

“Kodwa bengingalindele ukuthi kuzoba nzima kangaka, njengoba kwenzeka njengamanje.”

Emdlalweni olandelayo i-City izovakashela i-Aston Villa emdlalweni we-Premier League ngoMgqibelo ntambama.

Esithombeni esingenhla: UPep Guardiola. 

Umthombo: @fabrizioromano

Izihloko zakamuva